AmaHubo Chapter 51

For English

Read AmaHubo Chapter 51 Online

Read AmaHubo Chapter 51 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

AmaHubo 51

Isahluko 51

1. Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide ekufikeni komprofethi uNathani kuye emva kokuya kwakhe kuBati Sheba. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.

2. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.

3. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo.

4. Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho. 51:4 Rom. 3:4.

5. Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni. 51:5 Gen. 8:21; Jobe 14:4; 25:4; Joh. 3:6.

6. Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.

7. Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa. 51:7 Lev. 14:4,6; Num. 19:18; Isaya 1:18.

8. Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.

9. Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi.

10. Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. 51:10 Hez. 11:19; 36:26.

11. Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.

12. Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo. 51:12 Rom. 8:15.

13. Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe.

14. Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho. 51:14 2 Sam. 11:17.

15. Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.

16. Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo. 51:16 AmaH. 40:6; Hos. 6:6.

17. Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela. 51:17 Isaya 66:2.

18. Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.

19. Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke; khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.

About AmaHubo Chapter 51

Read AmaHubo Chapter 51 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: AmaHubo
Chapter: 51
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading AmaHubo Chapter 51 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is AmaHubo Chapter 51?

AmaHubo Chapter 51 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 51 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Amahubo

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 15
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 2

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Genesise Chapter 31
  2. Nahume Chapter 3
  3. Ezra Chapter 10
  4. Genesise Chapter 15
  5. UmShumayeli Chapter 5
  6. Jeremiya Chapter 1
  7. 1 AmaKhosi Chapter 9

Related Chapters & Readings

  1. Hezekeli Chapter 5
  2. Isaya Chapter 49
  3. Jeremiya Chapter 7
  4. Nehemiya Chapter 4
  5. AmaHubo Chapter 89
  6. IzAga Chapter 3
  7. 2 AmaKhosi Chapter 10
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *