Ezra Chapter 10

For English

Read Ezra Chapter 10 Online

Read Ezra Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Ezra in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Ezra and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Ezra 10

Isahluko 10

1. U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.

2. UShekaniya, indodana kaJehiyeli, enye yamadodana ka-Elamu, wathatha wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.

3. Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.

4. Vuka, ngokuba iphezu kwakho le ndaba; thina sinawe; yiba nesibindi, ukwenze.”

5. Wayesevuka u-Ezra, wafungisa izikhulu zabapristi, namaLevi, naye wonke u-Israyeli ukuba benze ngokwaleli zwi. Bafunga-ke.

6. Wayesevuka u-Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka-Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.

7. Bathumela izwi kwaJuda naseJerusalema kubo bonke abathunjwa ukuba babuthane eJerusalema

8. ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo, bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.

9. Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.

10. U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.

11. Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.”

12. Lase liphendula lonke ibandla, lathi ngezwi elikhulu: “Njengokusho kwakho kithina nga sikwenza.

13. Kepha abantu baningi, futhi kuyisikhathi semvula enkulu, asinakuma phandle, futhi lo msebenzi awusiwo walusuku lunye nowezimbili, ngokuba siphambukile kakhulu ngale ndaba.

14. Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo, benamalunga emizi ngemizi nabahluleli bayo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.”

15. UJonathani, indodana ka-Asaheli, noJahazeya indodana kaThikiva kuphela bamelana nalokho; oMeshulamu noShabethayi umLevi babasiza.

16. Kepha abathunjwa benze njalo. Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise, bonke ngamagama; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.

17. Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.

18. Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.

19. Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.

20. Kumadodana ka-Imeri: ngoHanani noZebadiya.

21. Kumadodana kaHarimi: ngoMahaseya, no-Eliya, noShemaya, noJehiyeli, no-Uziya.

22. Kumadodana kaPhashuri: ngo-Eliyohenayi, noMahaseya, no-Ishmayeli, noNethaneli, noJozabadi, no-Eleyasa.

23. KumaLevi: ngoJozabadi, noShimeyi, noKhelaya onguKelitha, noPhethahiya, noJuda, no-Eliyezeri.

24. Kubahlabeleli: ngu-Eliyashibi; kubalindisango: ngoShalumi, noTeleme, no-Uri.

25. Ku-Israyeli: Kumadodana kaPharoshi: ngoRamiya, no-Iziya, noMalikhiya, noMijamini, no-Eleyazare, noMalikhiya, noBenaya.

26. Kumadodana ka-Elamu: ngoMathaniya, noZakariya, noJehiyeli, no-Abidi, noJeremoti, no-Eliya.

27. Kumadodana kaZathu: ngo-Eliyohenayi, no-Eliyashibi, noMathaniya, noJeremoti, noZabadi, no-Aziza.

28. Kumadodana kaBebayi: ngoJehohanani, noHananiya, noZabayi, no-Atilayi.

29. Kumadodana kaBani: ngoMeshulamu, noMaluki, no-Adaya, noJashubi, noSheyali, noJeremoti.

30. Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngo-Adina, noKhelali, noBenaya, noMahaseya, noMathaniya, noBesaleli, noBinuwi, noManase.

31. Amadodana kaHarimi: o-Eliyezeri, noJishiya, noMalikhiya, noShemaya, noShimeyoni,

32. noBenjamini, noMaluki, noShemariya.

33. Kumadodana kaHashumi: ngoMathenayi, noMathatha, noZabadi, no-Elifeleti, noJeremayi, noManase, noShimeyi.

34. Kumadodana kaBani: ngoMahadayi, no-Amramu, no-Uweli,

35. noBenaya, noBedeya, noKeluhi,

36. noVaniya, noMeremoti, no-Eliyashibi,

37. noMathaniya, noMathenayi, noJahasu,

38. noBani, noBinuwi, noShimeyi,

39. noShelemiya, noNathani, no-Adaya,

40. noMakenadebayi, noShashayi, noSharayi,

41. no-Azareli, noShelemiya, noShemariya,

42. noShalumi, no-Amariya, noJosefa.

43. Kumadodana kaNebo: ngoJehiyeli, noMatithiya, noZabadi, noSebina, no-Ido, noJoweli, noBenaya.

44. Bonke labo babethathe abesifazane babezizwe; kwakukhona phakathi kwabo abesifazane ababezele abantwana.

About Ezra Chapter 10

Read Ezra Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Ezra in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Ezra
Chapter: 10
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Ezra. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Ezra Chapter 10 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Ezra Chapter 10?

Ezra Chapter 10 is part of the Book of Ezra in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Ezra Chapter 10 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Ezra

  1. Ezra Chapter 1
  2. Ezra Chapter 1
  3. Ezra Chapter 6
  4. Ezra Chapter 10
  5. Ezra Chapter 4
  6. Ezra Chapter 3
  7. Ezra Chapter 8

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Hezekeli Chapter 28
  2. Jeremiya Chapter 26
  3. 1 IziKronike Chapter 9
  4. 1 IziKronike Chapter 2
  5. 1 IziKronike Chapter 24
  6. Joweli Chapter 2
  7. IzAga Chapter 21

Related Chapters & Readings

  1. Johane Chapter 8
  2. Filipi Chapter 4
  3. AmaHubo Chapter 95
  4. Daniyeli Chapter 6
  5. Joweli Chapter 3
  6. IzAga Chapter 16
  7. 2 Samuweli Chapter 20
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *