Levitikusi Chapter 20

For English

Read Levitikusi Chapter 20 Online

Read Levitikusi Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Levitikusi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Levitikusi 20

Isahluko 20

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Futhi uyakusho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa-Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.

3. Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.

4. Uma abantu balelo zwe besitheza kancane amehlo abo kulowo muntu, lapho enikela ngenzalo yakhe kuMoloki, bangambulali,

5. ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga, beyophinga noMoloki.

6. “ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.

7. “ ‘Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

8. Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.

9. “ ‘Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.

10. “ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.

11. “ ‘Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.

12. “ ‘Uma umuntu elala nomalokazana wakhe, bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe phezu kwabo.

13. “ ‘Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane, bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.

14. “ ‘Uma umuntu ethatha umfazi kanye nonina, kungukonakala; bayakushiswa ngomlilo yena nabo, ukuze kungabikho konakala phakathi kwenu.

15. “ ‘Uma umuntu elala nesilwane, wobulawa nokubulawa, nisihlabe isilwane.

16. “ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni, alale naso, wobulala owesifazane nesilwane; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.

17. “ ‘Uma umuntu ethatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe, naye abone ubunqunu bakhe, kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana babantu bakubo; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.

18. “ ‘Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe, naye wambulile umthombo wegazi lakhe; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo.

19. “ ‘Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko, noma obukadadewabo kayihlo, ngokuba unqunisile isihlobo sakhe; bayakuthwala ububi babo.

20. “ ‘Uma umuntu elala nomkayisekazi, wambulile ubunqunu bukayisekazi; bayakuthwala isono sabo; bayakufa beyizimpulule.

21. “ ‘Uma umuntu ethatha umkamfowabo, kungukungcola; wambulile ubunqunu bomfowabo; bayakuba yizimpulule.

22. “ ‘Ngalokho anogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izahlulelo zami, nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.

23. Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu, ngokuba benza zonke lezo zinto; ngalokho nganengwa yibo.

24. Kepha ngishilo kini ukuthi: “Niyakulidla ifa lezwe labo, ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi,” nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.

25. “ ‘Ngalokho anohlukanisa izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo, izinyoni ezingcolileyo nezihlambulukileyo, ningenzi imiphefumulo yenu inengeke ngesilwane noma ngenyoni noma ngantoni enwabuzelayo emhlabeni, engizahlukanisile nani, ngathi zingcolile.

26. Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.

27. “ ‘Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.’ ”

About Levitikusi Chapter 20

Read Levitikusi Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Levitikusi
Chapter: 20
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Levitikusi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Levitikusi Chapter 20 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Levitikusi Chapter 20?

Levitikusi Chapter 20 is part of the Book of Levitikusi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Levitikusi Chapter 20 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 2
  2. Jobe Chapter 1
  3. Zakariya Chapter 2
  4. Zefaniya Chapter 2
  5. Jobe Chapter 2
  6. Ruthe Chapter 1
  7. Ruthe Chapter 4

Explore More from levitikusi

  1. Levitikusi Chapter 13
  2. Levitikusi Chapter 6
  3. Levitikusi Chapter 3
  4. Levitikusi Chapter 18
  5. Levitikusi Chapter 15
  6. Levitikusi Chapter 12
  7. Levitikusi Chapter 19

Related Chapters & Readings

  1. IzEnzo Chapter 14
  2. AmaHubo Chapter 53
  3. Genesise Chapter 11
  4. Numeri Chapter 13
  5. 1 Samuweli Chapter 21
  6. Eksodusi Chapter 25
  7. 1 AmaKhosi Chapter 15
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *