Jeremiya Chapter 1

For English

Read Jeremiya Chapter 1 Online

Read Jeremiya Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jeremiya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jeremiya 1

Isahluko 1

1. Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini,

2. okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe;

3. lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.

4. Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi:

5. “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”

6. Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.”

7. Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.

8. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.

9. UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.

10. Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”

11. Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”

12. Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.”

13. Lase lifika kimi izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona ikhanzi elibilayo. Ubuso balo bungasenyakatho.”

14. Wayesethi kimi uJehova: “Okubi kuyakuqhambuka ngasenyakatho, kubehlele bonke abakhileyo bomhlaba.

15. Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” usho uJehova. “Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema, nakuzo zonke izingange zalo nxazonke, nakuyo yonke imizi yakwaJuda.

16. Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.

17. “Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.

18. Ngokuba bheka, ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo, nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke, nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe.

19. Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”

About Jeremiya Chapter 1

Read Jeremiya Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jeremiya
Chapter: 1
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jeremiya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jeremiya Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jeremiya Chapter 1?

Jeremiya Chapter 1 is part of the Book of Jeremiya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jeremiya Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 20
  3. AmaHubo Chapter 10
  4. AmaHubo Chapter 2
  5. AmaHubo Chapter 49
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 51

Explore More from Jeremiya

  1. Jeremiya Chapter 44
  2. Jeremiya Chapter 32
  3. Jeremiya Chapter 10
  4. Jeremiya Chapter 47
  5. Jeremiya Chapter 36
  6. Jeremiya Chapter 8
  7. Jeremiya Chapter 15

Related Chapters & Readings

  1. IsiLilo Chapter 1
  2. AbAhluleli Chapter 17
  3. Genesise Chapter 18
  4. Jona Chapter 4
  5. 2 IziKronike Chapter 1
  6. 1 Thesalonika Chapter 2
  7. Hagayi Chapter 1
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *