Read AmaHubo Chapter 107 Online
Read AmaHubo Chapter 107 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaHubo 107
Isahluko 107
1. Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2. Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha;
3. wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle.
4. Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala.
5. Belambile, bomile, umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.
6. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.
7. Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala.
8. Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
9. Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
10. Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa beboshiwe osizini nasensimbini,
11. ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele isiluleko soPhezukonke.
12. Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo.
13. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.
14. Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.
15. Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
16. Ngokuba waphulile amasango ethusi, wanquma imigoqo yensimbi.
17. Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo; ngenxa yobubi babo babehlushwa.
18. Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla; basondela emasangweni okufa.
19. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.
20. Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo.
21. Mababonge uJehova ngomusa wakhe, nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
22. Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.
23. Behlela elwandle ngemikhumbi, bathengiselana emanzini amakhulu.
24. Laba babona imisebenzi kaJehova nezimangaliso zakhe ekujuleni.
25. Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.
26. Bakhuphukela ezulwini, babuye behlela kuzo izintwa; umphefumulo wancibilika ngosizi.
27. Bayendayenda, bantengezela njengodakiweyo; konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.
28. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.
29. Wathulisa isiphepho, kwaze kwaba ngukuthula, kwathula namadlambi olwandle.
30. Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula; wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
31. Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
32. Mabamphakamise ebandleni labantu, bamdumise emhlanganweni wamalunga.
33. Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi isigagadu,
34. nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.
35. Ihlane waliphendula amachibi amanzi, nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.
36. Wabahlalisa khona abalambileyo, bakha khona umuzi wokuhlala.
37. Balima amasimu, batshala isivini, kwabathelela izithelo.
38. Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.
39. Babuye bancipha, bathotshiswa ngokucindezelwa, nangobubi, nangosizi.
40. Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu, wabazulazulisa ehlane elingenandlela.
41. Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini, enza imindeni njengomhlambi.
42. Olungileyo uyakukubona, ajabule; ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.
43. Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.
About AmaHubo Chapter 107
Read AmaHubo Chapter 107 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaHubo
Chapter: 107
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaHubo Chapter 107 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaHubo Chapter 107?
AmaHubo Chapter 107 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 107 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Amahubo
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 3
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 57
- AmaHubo Chapter 4
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 30
Explore More from ITestamente Elidala
- IsiLilo Chapter 5
- Hoseya Chapter 7
- Mika Chapter 1
- Zakariya Chapter 14
- Ezra Chapter 7
- Jeremiya Chapter 41
- Joshuwa Chapter 23