Genesise Chapter 6

For English

Read Genesise Chapter 6 Online

Read Genesise Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Genesise in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Genesise and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Genesise 6

Isahluko 6

1. Kwathi abantu beqala ukwanda ebusweni bomhlaba, bezala amadodakazi,

2. amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.

3. Wayesethi uJehova: “UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, njengokuba eyinyama nje; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.”

4. Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.

5. Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.

6. Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.

7. UJehova wathi: “Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.”

8. Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.

9. Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.

10. UNowa wazala amadodana amathathu: ngoShemi, noHamu, noJafete.

11. Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.

12. UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.

13. UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.

14. Yakha umkhumbi ngemithi yegofere, wenze amakamelo emkhunjini, uwuhuqe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi.

15. Yikho lokhu ozakukwenza: ubude bomkhumbi buyakuba yizingalo ezingamakhulu amathathu, ububanzi bawo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi amathathu.

16. Yenza ifasitele emkhunjini, uligcine ngaphezulu libe yingalo inye, ufake umnyango womkhumbi ohlangothini lwawo, uwenze ube nendlu engaphansi nengaphakathi nengaphezulu.

17. Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa.

18. Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, uze ungene emkhunjini, wena namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.

19. Nakuzo zonke izilwane uzakungenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo zenyama ukuba ziphile nawe, kube ngeyeduna neyensikazi.

20. Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo, nakuzo izinkomo ngezinhlobo zazo, nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo kuzakufika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ziphile.

21. Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, ukubuthele kuwe; kuyakuba ngukudla kwakho nokwabo.”

22. UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.

About Genesise Chapter 6

Read Genesise Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Genesise in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Genesise
Chapter: 6
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Genesise. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Genesise Chapter 6 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Genesise Chapter 6?

Genesise Chapter 6 is part of the Book of Genesise in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Genesise Chapter 6 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Genesise

  1. Genesise Chapter 18
  2. Genesise Chapter 50
  3. Genesise Chapter 34
  4. Genesise Chapter 40
  5. Genesise Chapter 32
  6. Genesise Chapter 2
  7. Genesise Chapter 49

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Isaya Chapter 33
  2. 2 IziKronike Chapter 18
  3. Zakariya Chapter 5
  4. Jeremiya Chapter 41
  5. UmShumayeli Chapter 6
  6. Levitikusi Chapter 27
  7. Duteronomi Chapter 18

Related Chapters & Readings

  1. Jeremiya Chapter 30
  2. 1 IziKronike Chapter 13
  3. Luka Chapter 17
  4. Genesise Chapter 31
  5. Hezekeli Chapter 3
  6. Jobe Chapter 34
  7. Joshuwa Chapter 6
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *