AmaHubo Chapter 73

For English

Read AmaHubo Chapter 73 Online

Read AmaHubo Chapter 73 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

AmaHubo 73

Isahluko 73

1. Ihubo lika-Asafa. Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli, kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.

2. Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka; kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.

3. Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.

4. Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo, namandla abo aqinile.

5. Abahlupheki njengabanye abantu; abahlushwa njengabanye abantu.

6. Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.

7. Amehlo abo aphinqekile ngokunona; imicabango yenhliziyo iyachichima.

8. Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla; bakhuluma besekuphakamemi.

9. Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini; ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

10. Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha; amanzi amaningi bazimuncela wona.

11. Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”

12. Bheka, laba bayibo ababi; bazinza njalo; bandisa imfuyo.

13. Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngahlamba izandla zami ngingenacala,

14. ngokuba ngahlushwa usuku lonke; kwasa ngijeziswa.

15. Uma bengithe, ngizakukhuluma kanjalo, bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

16. Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami,

17. ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.

18. Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe yincithakalo.

19. Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.

20. Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.

21. Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami,

22. ngaba yisiphukuphuku, angaqonda lutho; ngaba yisilwane kuwe.

23. Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene.

24. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.

25. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

26. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.

27. Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.

28. Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

About AmaHubo Chapter 73

Read AmaHubo Chapter 73 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: AmaHubo
Chapter: 73
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading AmaHubo Chapter 73 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is AmaHubo Chapter 73?

AmaHubo Chapter 73 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 73 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Amahubo

  1. AmaHubo Chapter 2
  2. AmaHubo Chapter 3
  3. AmaHubo Chapter 57
  4. AmaHubo Chapter 6
  5. AmaHubo Chapter 1
  6. AmaHubo Chapter 4
  7. AmaHubo Chapter 31

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Jeremiya Chapter 29
  2. AmaHubo Chapter 18
  3. Habakuki Chapter 2
  4. Hezekeli Chapter 11
  5. Isaya Chapter 10
  6. 1 Samuweli Chapter 17
  7. Duteronomi Chapter 34

Related Chapters & Readings

  1. Isaya Chapter 6
  2. AmaRoma Chapter 10
  3. AmaHubo Chapter 149
  4. 2 AmaKhosi Chapter 9
  5. Jona Chapter 3
  6. Hezekeli Chapter 12
  7. Isaya Chapter 57
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *