Read AmaHubo Chapter 74 Online
Read AmaHubo Chapter 74 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaHubo 74
Isahluko 74
1. IMaskili lika-Asafa. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?
2. Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo, owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.
3. Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade; isitha sone konke endlini engcwele.
4. Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana, zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.
5. Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembe emithini eminyeneyo.
6. Konke okubaziweyo kwayo sezikuphohloze ngembazo nangesando.
7. Zayokhela indlu yakho engcwele; indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini.
8. Zathi enhliziyweni yazo: “Masibachithe kanyekanye,” zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni.
9. Izimpawu zethu asiziboni; akusekho mprofethi; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.
10. Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?
11. Usihoshelani isandla sakho, isandla sakho sokunene, na? Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.
12. Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakade eyenza insindiso emhlabeni.
13. Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho, wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.
14. Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani, wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.
15. Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.
16. Usuku ngolwakho, nobusuku ngobakho; nguwena owenza ukukhanya nelanga.
17. Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba; nguwe owenza ihlobo nobusika.
18. Khumbula lokhu, Jehova, ukuthi isitha sithukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.
19. Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni; ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo.
20. Khumbula isivumelwano, ngokuba izindawo ezimnyama zezwe zigcwele izindlu zobudlova.
21. Ocindezelweyo makangabuyi ejabhile; ohluphekayo nompofu mababonge igama lakho.
22. Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho; khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.
23. Ungakhohlwa izwi lezitha zakho, ukuxokozela kwabakuvukelayo okwenyukela njalonjalo.
About AmaHubo Chapter 74
Read AmaHubo Chapter 74 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaHubo
Chapter: 74
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaHubo Chapter 74 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaHubo Chapter 74?
AmaHubo Chapter 74 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 74 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Amahubo
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 3
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 57
- AmaHubo Chapter 4
- AmaHubo Chapter 30
Explore More from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 8
- 2 IziKronike Chapter 12
- Isaya Chapter 40
- AmaHubo Chapter 7
- Duteronomi Chapter 13
- Daniyeli Chapter 1
- Hezekeli Chapter 42