Read AmaHubo Chapter 106 Online
Read AmaHubo Chapter 106 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaHubo 106
Isahluko 106
1. Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2. Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na?
3. Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke.
4. Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho,
5. ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.
6. Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala.
7. Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.
8. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.
9. Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane.
10. Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha.
11. Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo.
12. Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe.
13. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe.
14. Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.
15. Wabanika abakufisayo, kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.
16. Baba nomhawu ngoMose ekamu, nango-Aroni ongcwele kaJehova.
17. Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abiramu.
18. Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi.
19. Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.
20. Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani.
21. Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,
22. izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.
23. Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
24. Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.
25. Bakhonona besematendeni abo; babengalaleli izwi likaJehova.
26. Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo ukuba abawise ehlane,
27. awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe, abahlakaze emazweni.
28. Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.
29. Bamcunula ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo.
30. Wayesesuka uFinehasi, wahlulela; saphela isifo;
31. lokhu wakubalelwa njengokulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.
32. Bamcunula ngasemanzini aseMeriba; kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.
33. Ngokuba baphambana noMoya wakhe; wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.
34. Abababhubhisanga abantu uJehova abayaleza ngabo,
35. kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo.
36. Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.
37. Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni.
38. Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.
39. Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo, baphinga ezenzweni zabo.
40. Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.
41. Wabanikela esandleni sabezizwe; ababazondayo bababusa.
42. Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.
43. Kaningi wabakhulula; kepha bahlubuka ngecebo labo, bawiswa phansi ngobubi babo.
44. Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo.
45. Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.
46. Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.
47. Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu, sibuthe kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.
48. Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!
About AmaHubo Chapter 106
Read AmaHubo Chapter 106 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaHubo
Chapter: 106
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaHubo Chapter 106 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaHubo Chapter 106?
AmaHubo Chapter 106 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 106 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Amahubo
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 3
Explore More from ITestamente Elidala
- 2 IziKronike Chapter 25
- 2 AmaKhosi Chapter 21
- Hezekeli Chapter 21
- Jeremiya Chapter 38
- Amose Chapter 2
- Joweli Chapter 2
- Nehemiya Chapter 12