Read UmShumayeli Chapter 5 Online
Read UmShumayeli Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of UmShumayeli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of UmShumayeli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
UmShumayeli 5
Isahluko 5
1. Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.
2. Ungabi namawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.
3. Ngokuba iphupho livela ngemisebenzi eminingi nephimbo lesiwula ngobuningi bamazwi.
4. Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.
5. Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi.
6. Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na?
7. Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.
8. Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.
9. Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.
10. Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.
11. Lapho okuhle kwanda, nabakudlayo bayanda; kulusizo luni kumninikho ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?
12. Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.
13. Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;
14. futhi uma ingcebo ichithwa ngengozi embi, indodana ayizalileyo ayinalutho esandleni sayo.
15. Njengalokho aphuma esizalweni sikanina, uyakubuye amuke, ahambe ze njengasekufikeni kwakhe, engatholi lutho ngomshikashika wakhe, ahambe nalo esandleni sakhe.
16. Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?
17. Yebo, zonke izinsuku zakhe zisebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni okuningi, nasekuguleni, nasekuthukutheleni.
18. Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle nokumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.
19. Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.
20. Ngokuba akakhumbuli kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, lokhu uNkulunkulu emnika intokozo enhliziyweni yakhe.
About UmShumayeli Chapter 5
Read UmShumayeli Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of UmShumayeli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: UmShumayeli
Chapter: 5
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading UmShumayeli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading UmShumayeli Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is UmShumayeli Chapter 5?
UmShumayeli Chapter 5 is part of the Book of UmShumayeli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete UmShumayeli Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 4
Explore More from umshumayeli
- UmShumayeli Chapter 1
- UmShumayeli Chapter 11
- UmShumayeli Chapter 4
- UmShumayeli Chapter 6
- UmShumayeli Chapter 12
- UmShumayeli Chapter 3
- UmShumayeli Chapter 8