Read 2 Samuweli Chapter 1 Online
Read 2 Samuweli Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Samuweli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 Samuweli 1
Isahluko 1
1. Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, futhi uDavide esehlale izinsuku ezimbili eSikilagi,
2. kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
3. UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu lakwa-Israyeli.”
4. UDavide wayesethi kuye: “Bekunjani na? Ake ungitshele.” Wathi: “Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.”
5. UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo: “Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?”
6. Insizwa eyamtshelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi.
7. Lapho ebheka emuva, wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi: ‘Ngilapha.’
8. “Wathi kimi: ‘Wena ungubani na?’ Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’
9. “Wathi kimi: ‘Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngishaywe yisiyezi, nokuphila kusekhona kimi.’
10. “Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.”
11. UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye.
12. Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.
13. Wathi uDavide kuyo insizwa eyayimtshelile: “Ungowaphi na?” Wathi: “Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.”
14. UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?”
15. UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, umsukele.” Yamshaya waze wafa.
16. UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”
17. UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,
18. wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo; bheka, silotshiwe eNcwadini Yoqotho.
19. “Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe!
20. “Ningakusho eGati, ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.
21. “Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.
22. Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.
23. “OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.
24. “Nina madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule owanigqokisa kamnandi ngokubomvu, owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.
25. “Yeka ukuwa kwamaqhawe phakathi kokulwa! UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo.
26. “Ngidabukile ngawe mfowethu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.
27. “Yeka ukuwa kwamaqhawe, nokuphela kwezikhali zokulwa!”
About 2 Samuweli Chapter 1
Read 2 Samuweli Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 Samuweli
Chapter: 1
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Samuweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 Samuweli Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 Samuweli Chapter 1?
2 Samuweli Chapter 1 is part of the Book of 2 Samuweli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 Samuweli Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2-samuweli
- 2 Samuweli Chapter 11
- 2 Samuweli Chapter 5
- 2 Samuweli Chapter 4
- 2 Samuweli Chapter 3
- 2 Samuweli Chapter 19
- 2 Samuweli Chapter 18
- 2 Samuweli Chapter 15
Explore More from ITestamente Elidala
- 2 Samuweli Chapter 2
- 1 AmaKhosi Chapter 14
- Hezekeli Chapter 12
- Numeri Chapter 36
- Joshuwa Chapter 13
- Numeri Chapter 1
- Jobe Chapter 15