Read AmaHubo Chapter 94 Online
Read AmaHubo Chapter 94 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaHubo 94
Isahluko 94
1. Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.
2. Phakama, Mahluleli womhlaba, uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.
3. Jehova, koze kube nini ababi, koze kube nini ababi bethaba na?
4. Bayampompoza, bakhuluma amagangangozi; bayazidla bonke abenza okubi.
5. Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza, nefa lakho balinyathela phansi.
6. Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi, nezintandane bayazibulala.
7. Bathi: “UJehova akaboni, uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”
8. Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu; nani ziwula, niyakuqonda nini na?
9. Owenza indlebe kanakuzwa na? Owadala iso kanakubona na?
10. Othethisa abezizwe, yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?
11. UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.
12. Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo, omfundisayo ngomthetho wakho,
13. wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi, aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.
14. Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe, nefa lakhe akayikulishiya.
15. Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni, bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.
16. Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?
17. Uma uJehova ebengesilo usizo lwami, umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.
18. Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.
19. Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.
20. Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini, leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?
21. Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo; igazi elingenacala bayalilahla.
22. Kepha uJehova waba yinqaba yami, uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.
23. Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo, abaqede ngobubi babo; uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.
About AmaHubo Chapter 94
Read AmaHubo Chapter 94 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaHubo
Chapter: 94
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaHubo Chapter 94 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaHubo Chapter 94?
AmaHubo Chapter 94 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 94 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Amahubo
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 51
- AmaHubo Chapter 26
- AmaHubo Chapter 6
Explore More from ITestamente Elidala
- IsiLilo Chapter 3
- Numeri Chapter 19
- Isaya Chapter 10
- Daniyeli Chapter 11
- AmaHubo Chapter 120
- Isaya Chapter 58
- IzAga Chapter 1