Read Isaya Chapter 49 Online
Read Isaya Chapter 49 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Isaya 49
Isahluko 49
1. Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uJehova ungibizile kwasekuzalweni, waqamba igama lami kwasezibilinini zikamame.
2. Wawenza umlomo wami njengenkemba ebukhali, wangithukusa ethunzini lesandla sakhe, wangenza umcibisholo ophucuziweyo, wangithukusa esambweni sakhe.
3. Wathi kimi: “Uyinceku yami, u-Israyeli, engiyakuzidumisa kuye.”
4. Kepha ngase ngithi mina: “Ngikhandlekele ize, amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho; nokho ilungelo lami likuJehova, nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”
5. Manje uthi uJehova owangibumba kwasekuzalweni ukuba ngibe yinceku yakhe yokubuyisela kuye uJakobe, kubuthelwe kuye no-Israyeli futhi ngidunyisiwe emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wami waba ngamandla ami
6. yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
7. Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni, koyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona, asukume, izikhulu zibone, zikhothame ngenxa kaJehova othembekile, oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”
8. Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa, ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe nokubenza badle amafa achithekileyo,
9. uthi kwababoshiweyo: ‘Phumani,’ nakwabasebumnyameni: ‘Velani.’ “Bayakuklaba ngasezindleleni, amadlelo abo abe semagqumeni onke.
10. Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.
11. Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela, imendo yami iphakame.
12. Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga, nalaba ezweni laseSinimi.”
13. Jabulani nina mazulu, uthokoze nawe mhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe, abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.
14. Kepha iSiyoni lithi: “UJehova ungishiyile, iNkosi ingikhohliwe.”
15. “Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
16. Bheka, ezandleni zami ngikubhalile, izingange zakho ziphambi kwami njalo.
17. Abantwana bakho bayashesha; abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.
18. Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone: bonke bayabuthana, bafika kuwe. Kuphila kwami,” usho uJehova, “impela uyakubembatha bonke njengemvunulo, uzibhince ngabo njengomakoti.
19. “Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyize nezwe lakho eliqothuliweyo kuyakuminyana ngabakhileyo khona, nabakugwinyileyo bayakuba kude.
20. Abantwana bokusweziselwa kwakho basayakusho ezindlebeni zakho ukuthi: Indawo ingumcingo kimi; sukani kimi ukuba ngihlale.
21. Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ongizalele laba, lokhu ngaphuciwe abantwana bami, ngingenalutho, ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na? Ngubani okhulise laba na? Bheka, ngasala ngedwa; laba babephi na?’ ”
22. Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi: “Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami, ngimisele abantu ibhanela lami; bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo, namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.
23. Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyakwazi ukuthi nginguJehova, abethemba kimi abayikujabha.”
24. Impango ingasuswa kuwo amaqhawe, nabathunjwa bangophulwa kubacindezeli, na?
25. Noma kunjalo, uJehova uthi: “Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa, nempango yabacindezeli iyakophulwa, kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe, ngisindise abantwana bakho.
26. Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo, badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi; inyama yonke iyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”
About Isaya Chapter 49
Read Isaya Chapter 49 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Isaya
Chapter: 49
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Isaya Chapter 49 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Isaya Chapter 49?
Isaya Chapter 49 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Isaya Chapter 49 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Isaya
- Isaya Chapter 27
- Isaya Chapter 13
- Isaya Chapter 14
- Isaya Chapter 34
- Isaya Chapter 28
- Isaya Chapter 26
- Isaya Chapter 16
Explore More from ITestamente Elidala
- Hoseya Chapter 3
- AmaHubo Chapter 73
- Jeremiya Chapter 7
- 1 AmaKhosi Chapter 3
- Mika Chapter 6
- 2 AmaKhosi Chapter 6
- AmaHubo Chapter 20