AmaHubo Chapter 135

For English

Read AmaHubo Chapter 135 Online

Read AmaHubo Chapter 135 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

AmaHubo 135

Isahluko 135

1. Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova

2. enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

3. Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.

4. Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

5. Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

6. Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.

7. Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8. Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane.

9. Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10. Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla:

11. uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.

12. Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13. Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14. Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe.

15. Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

16. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17. Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo.

18. Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.

19. Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uJehova; wena ndlu ka-Aroni, mbonge uJehova.

20. Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova.

21. UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!

About AmaHubo Chapter 135

Read AmaHubo Chapter 135 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: AmaHubo
Chapter: 135
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading AmaHubo Chapter 135 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is AmaHubo Chapter 135?

AmaHubo Chapter 135 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 135 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Amahubo

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 15

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Eksodusi Chapter 37
  2. 2 AmaKhosi Chapter 23
  3. IzAga Chapter 4
  4. 2 Samuweli Chapter 15
  5. Eksodusi Chapter 23
  6. Isaya Chapter 49
  7. AmaHubo Chapter 8

Related Chapters & Readings

  1. 1 Samuweli Chapter 5
  2. Jeremiya Chapter 25
  3. Isaya Chapter 65
  4. IsiHlabelelo SeziHlabelelo Chapter 1
  5. IzEnzo Chapter 13
  6. Joshuwa Chapter 17
  7. Mika Chapter 5
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *