AmaHubo Chapter 33

For English

Read AmaHubo Chapter 33 Online

Read AmaHubo Chapter 33 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

AmaHubo 33

Isahluko 33

1. Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho.

2. Bongani uJehova ngehabhu; mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi. 33:2 AmaH. 92:3.

3. Mhubeleni ihubo elisha, nibethe kahle ngenhlokomo.

4. Ngokuba izwi likaJehova lilungile; zonke izenzo zakhe ziyakholeka. 33:4 Num. 23:19; 1 Sam. 15:29.

5. Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova. 33:5 AmaH. 119:64.

6. Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe. 33:6 Gen. 1:2.

7. Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni. 33:7 Gen. 1:9; Jobe 38:8.

8. Umhlaba wonke mawumesabe uJehova; bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.

9. Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona. 33:9 AmaH. 148:5.

10. UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu. 33:10 Jobe 5:12; IzA. 21:30.

11. Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane. 33:11 IzA. 19:21; Isaya 46:10.

12. Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe. 33:12 AmaH. 144:15.

13. UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu.

14. Esendaweni lapho ehlala khona uyababuka bonke abakhileyo ezweni, 33:14 AmaH. 11:4.

15. yena owadala izinhliziyo zabo bonke, oqaphela zonke izenzo zabo. 33:15 IzA. 16:1,2,9; 21:1.

16. Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso. 33:16 2 IziKr. 14:11.

17. Ihhashi liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo. 33:17 AmaH. 147:10; IzA. 21:31.

18. Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,

19. ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni. 33:19 Jobe 5:20; AmaH. 34:9; 37:19.

20. Umphefumulo wethu ulindela uJehova; ungukusiza kwethu nesihlangu sethu. 33:20 Dut. 33:29.

21. Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.

22. Umusa wakho, Jehova, mawube phezu kwethu, njengalokhu sithemba wena.

About AmaHubo Chapter 33

Read AmaHubo Chapter 33 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: AmaHubo
Chapter: 33
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading AmaHubo Chapter 33 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is AmaHubo Chapter 33?

AmaHubo Chapter 33 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 33 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Amahubo

  1. AmaHubo Chapter 49
  2. AmaHubo Chapter 20
  3. AmaHubo Chapter 10
  4. AmaHubo Chapter 1
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 26
  7. AmaHubo Chapter 6

Explore More from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 81
  2. Isaya Chapter 40
  3. Hezekeli Chapter 41
  4. AmaHubo Chapter 114
  5. Jeremiya Chapter 32
  6. Numeri Chapter 23
  7. 2 AmaKhosi Chapter 7

Related Chapters & Readings

  1. Jeremiya Chapter 42
  2. 1 Samuweli Chapter 19
  3. Jobe Chapter 6
  4. AmaHubo Chapter 60
  5. Hagayi Chapter 1
  6. 2 Samuweli Chapter 18
  7. Genesise Chapter 4
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *