Read Hezekeli Chapter 5 Online
Read Hezekeli Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hezekeli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Hezekeli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Hezekeli 5
Isahluko 5
1. “Wena ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uzithathele yona njengempuco yomgundi, uyihambise ekhanda lakho nasesilevini sakho, uzithathele isilinganiso sokulinganisa, wahlukanise izinwele.
2. Inxenye yesithathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa, uthathe enye inxenye yesithathu, ugalele ngenkemba nxazonke zayo, nenye inxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni, ngihoshe inkemba emva kwazo.
3. Uyakuthatha khona eziyingcosana, uzibophele emiphethweni yengubo yakho.
4. Futhi kuzona uyakuthatha, uziphonse phakathi komlilo, uzishise ngomlilo; kuyakuvela lapho umlilo, ungene endlini yonke yakwa-Israyeli.
5. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lokhu kuyiJerusalema; ngilibekile phakathi kwezizwe, namazwe ayalihaqa.
6. Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe, nezimiso zami kunamazwe alihaqayo, ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami, abahambanga ngazo.
7. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo, ningahambi ngezimiso zami, ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,
8. ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, mina, yebo, mina ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho emehlweni ezizwe.
9. Ngiyakwenza kuwe lokho engingazange ngikwenze, nengingasayikukwenza okunjengakho ngenxa yazo zonke izinengiso zakho.
10. Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.
11. Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho ngiyakukunciphisa impela, iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.
12. Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo, baphele nangendlala phakathi kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.
13. “Isiyakuphela intukuthelo yami, nganelise ukufutheka kwami ngabo, ngiduduzeke; bayakwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengifezile ukufutheka kwami ngabo.
14. “Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo phakathi kwezizwe ezikuhaqayo emehlweni abo bonke abadlulayo.
15. Kuyakuba yihlazo, nesaga, nesifundiso, nesimangaliso kuzo izizwe ezikuhaqayo, lapho ngenza izahlulelo phakathi kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangezijeziso ezifuthayo. Mina Jehova ngikhulumile.
16. Lapho ngithumela kini imicibisholo emibi yendlala eyakuba ngukuchitheka kwabo, engiyakuyithuma ukunichitha, ngiyakukhulisa indlala phezu kwenu, ngaphule uzime lwenu lwesinkwa,
17. ngithumele kini indlala nezilwane ezimbi, zikwaphuce abantwana, kudlule phezu kwakho isifo negazi, ngehlisele inkemba phezu kwakho. Mina Jehova ngikhulumile.”
About Hezekeli Chapter 5
Read Hezekeli Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hezekeli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Hezekeli
Chapter: 5
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Hezekeli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Hezekeli Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Hezekeli Chapter 5?
Hezekeli Chapter 5 is part of the Book of Hezekeli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Hezekeli Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Hezekeli
- Hezekeli Chapter 2
- Hezekeli Chapter 40
- Hezekeli Chapter 28
- Hezekeli Chapter 20
- Hezekeli Chapter 8
- Hezekeli Chapter 16
- Hezekeli Chapter 41
Explore More from ITestamente Elidala
- Numeri Chapter 4
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 77
- Levitikusi Chapter 3
- Isaya Chapter 31
- Isaya Chapter 41
- 1 AmaKhosi Chapter 2