Read AmaHubo Chapter 103 Online
Read AmaHubo Chapter 103 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaHubo 103
Isahluko 103
1. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
2. Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,
3. yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho;
4. okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele;
5. osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.
6. UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela.
7. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.
8. UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.
9. Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.
10. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.
11. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
12. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
13. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.
14. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.
15. Izinsuku zomuntu zinjengotshani; uyakhahlela njengembali yasendle.
16. Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi.
17. Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
18. kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.
19. UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.
20. Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.
21. Bongani uJehova nina mabandla onke akhe, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.
22. Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe. Mbonge uJehova, mphefumulo wami.
About AmaHubo Chapter 103
Read AmaHubo Chapter 103 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaHubo
Chapter: 103
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaHubo Chapter 103 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaHubo Chapter 103?
AmaHubo Chapter 103 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 103 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Amahubo
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 3
Explore More from ITestamente Elidala
- Malaki Chapter 3
- Numeri Chapter 6
- Jona Chapter 1
- 1 IziKronike Chapter 28
- Levitikusi Chapter 16
- Eksodusi Chapter 35
- Joweli Chapter 1