Read IzAga Chapter 3 Online
Read IzAga Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzAga 3
Isahluko 3
1. Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
2. ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.
3. Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
4. ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
5. Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.
6. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
7. Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uJehova, udede ebubini.
8. Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.
9. Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,
10. izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.
11. Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
12. Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.
13. Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo,
14. ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide.
15. Kuyigugu kunamarubi, nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.
16. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.
17. Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula.
18. Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.
19. UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda.
20. Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa, namafu aconsa amazolo.
21. Ndodana yami, lokho makungasuki emehlweni akho, ugcine ukuhlakanipha namasu,
22. kube ngukuphila emphefumulweni wakho nomusa entanyeni yakho.
23. Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka, ungaqhuzuli unyawo lwakho.
24. Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi.
25. Ungethuswa luvalo oluzumayo nokuchithwa kwababi, lapho kufika,
26. ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.
27. Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.
28. Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi: “Hamba, ubuye, ngiyakukunika kusasa,” lapho kukhona kuwe.
29. Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho, lapho ehlezi nawe elondekile.
30. Ungaphikisani namuntu ngeze, uma engakonanga ngalutho.
31. Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
32. ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova. kepha abaqotho bayisifuba sakhe.
33. Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi, kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.
34. Izideleli uyazidelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
35. Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo, kepha iziwula ziyakuphiwa ihlazo.
About IzAga Chapter 3
Read IzAga Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzAga
Chapter: 3
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzAga Chapter 3 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzAga Chapter 3?
IzAga Chapter 3 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzAga Chapter 3 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Ruthe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 4
Explore More from izaga
- IzAga Chapter 27
- IzAga Chapter 28
- IzAga Chapter 26
- IzAga Chapter 29
- IzAga Chapter 6
- IzAga Chapter 15
- IzAga Chapter 30