Read AmaHubo Chapter 59 Online
Read AmaHubo Chapter 59 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaHubo 59
Isahluko 59
1. Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu, mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale. Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo;
2. ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi.
3. Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.
4. Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.
5. Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela
6. Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini.
7. Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?” 59:7 AmaH. 55:21; 57:4.
8. Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe. 59:8 AmaH. 2:4.
9. Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.
10. UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
11. Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu. 59:11 Gen. 4:12.
12. Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
13. Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela
14. Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.
15. Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku. 59:15 Isaya 8:21.
16. Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.
17. Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa.
About AmaHubo Chapter 59
Read AmaHubo Chapter 59 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaHubo
Chapter: 59
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaHubo Chapter 59 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaHubo Chapter 59?
AmaHubo Chapter 59 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 59 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Amahubo
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 3
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 57
- AmaHubo Chapter 4
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 30
Explore More from ITestamente Elidala
- 2 IziKronike Chapter 28
- AmaHubo Chapter 46
- 1 IziKronike Chapter 4
- Duteronomi Chapter 29
- Esteri Chapter 2
- Levitikusi Chapter 12
- AmaHubo Chapter 68