AmaHubo Chapter 59

For English

Read AmaHubo Chapter 59 Online

Read AmaHubo Chapter 59 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaHubo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

AmaHubo 59

Isahluko 59

1. Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu, mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale. Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo;

2. ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi.

3. Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.

4. Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.

5. Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela

6. Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini.

7. Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?” 59:7 AmaH. 55:21; 57:4.

8. Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe. 59:8 AmaH. 2:4.

9. Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10. UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.

11. Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu. 59:11 Gen. 4:12.

12. Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13. Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela

14. Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.

15. Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku. 59:15 Isaya 8:21.

16. Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

17. Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa.

About AmaHubo Chapter 59

Read AmaHubo Chapter 59 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaHubo in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: AmaHubo
Chapter: 59
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaHubo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading AmaHubo Chapter 59 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is AmaHubo Chapter 59?

AmaHubo Chapter 59 is part of the Book of AmaHubo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete AmaHubo Chapter 59 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Amahubo

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 20
  3. AmaHubo Chapter 10
  4. AmaHubo Chapter 2
  5. AmaHubo Chapter 49
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 51

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 10
  2. Hoseya Chapter 1
  3. Eksodusi Chapter 39
  4. Hezekeli Chapter 22
  5. Joshuwa Chapter 12
  6. Hezekeli Chapter 42
  7. Jeremiya Chapter 15

Related Chapters & Readings

  1. Hoseya Chapter 5
  2. AmaHubo Chapter 34
  3. IzAga Chapter 6
  4. Genesise Chapter 25
  5. Genesise Chapter 4
  6. 1 IziKronike Chapter 14
  7. Jeremiya Chapter 47
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *