Read Zakariya Chapter 11 Online
Read Zakariya Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Zakariya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Zakariya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Zakariya 11
Isahluko 11
1. Vula iminyango yakho, Lebanoni, ukuba umlilo udle imisedari yakho.
2. Hhewula, msayipuresi, ngokuba umsedari uyawa, ngokuba emihle iyachithwa; hewulani nina ma-oki aseBashani, ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa.
3. Izwi lokukhala kwabelusi! ngokuba udumo lwabo luyachithwa; izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama! ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa.
4. Usho kanje uJehova uNkulunkulu wami, uthi: “Yalusa izimvu zokuhlatshwa,
5. ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli.
6. Ngokuba angisayikubahawukela abakhileyo ezweni,” usho uJehova, “kepha bheka, ngiyakunikela abantu, kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe nasesandleni senkosi yakhe; bona bayakushaya izwe labo, kepha angiyikubophula esandleni sabo.”
7. Ngase ngalusa izimvu zokuhlatshwa, izimvu ezihluphekayo. Ngazithathela izintonga ezimbili, enye ngayibiza ngokuthi uMusa, nenye ngayibiza ngokuthi uZibopho; ngalusa-ke izimvu.
8. Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.
9. Ngase ngithi: “Angisayikunalusa; efayo mayife, eyakuchithwa mayichithwe, neziseleyo mazidle, kube yileyo naleyo inyama yenye.”
10. Ngase ngithatha induku yami uMusa, ngayinqamula, ukuze ngaphule isivumelwano sami engangisenzile nabantu bonke.
11. Saphulwa ngalona lolo suku, bese zazi izimvu ezihluphekayo ezangilalela ukuthi kwakuyizwi likaJehova.
12. Ngase ngithi kuzo: “Uma kukuhle emehlweni enu, ngipheni inkokhelo yami, kepha uma kungenjalo, yekani.” Zase zilinganisela inkokhelo yami izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva.
13. Wathi kimi uJehova: “Ziphonse kumbumbi,” inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo. Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva, ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.
14. Ngase ngiyinqamula intonga yami yesibili, uZibopho, ukuba ngaphule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.
15. UJehova wayesethi kimi: “Zithathele izikhali zomalusi oyisiwula.
16. Ngokuba bheka, ngiyakuvusa umalusi ezweni ongayikuhambela ezilahlekileyo, angafuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezaphukileyo, angaboneleli eziphilayo, kepha adle inyama yezikhulupheleyo, adwebule izinselo zazo.
17. “Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”
About Zakariya Chapter 11
Read Zakariya Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Zakariya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Zakariya
Chapter: 11
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Zakariya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Zakariya Chapter 11 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Zakariya Chapter 11?
Zakariya Chapter 11 is part of the Book of Zakariya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Zakariya Chapter 11 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Ruthe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 4
Explore More from zakariya
- Zakariya Chapter 5
- Zakariya Chapter 6
- Zakariya Chapter 3
- Zakariya Chapter 10
- Zakariya Chapter 4
- Zakariya Chapter 7
- Zakariya Chapter 13