UmShumayeli Chapter 8

For English

Read UmShumayeli Chapter 8 Online

Read UmShumayeli Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of UmShumayeli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of UmShumayeli and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

UmShumayeli 8

Isahluko 8

1. Ngubani onjengohlakaniphileyo na? Ngubani owazi ukuchasisela indaba na? Ukuhlakanipha komuntu kuyakhanyisa ubuso bakhe, nobulukhuni bobuso bakhe buyaguqulwa.

2. Ngithi: Gcina izwi lenkosi ngenxa yesifungo ngoNkulunkulu.

3. Ungasheshi ukusuka ebusweni bayo, ungemi endabeni embi, ngokuba yenza konke ekuthandayo.

4. Ngokuba izwi lenkosi liyabusa; ngubani ongasho kuyo ukuthi: “Wenzani na?”

5. Ogcina umyalo akayikwazi okubi: nenhliziyo yohlakaniphileyo iyakwazi isikhathi nokwahlulela,

6. ngokuba kukhona isikhathi nokwahlulela ezindabeni zonke; nokho ububi bomuntu bukhulu phezu kwakhe,

7. lokhu engazi okuyakuba khona, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?

8. Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.

9. Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.

10. Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize.

11. Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,

12. ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;

13. kodwa akuyikuba kuhle kwababi, nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu.

14. Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi, nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: “Nalokho kuyize.”

15. Ngase ngibabaza intokozo, ngokuba umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.

16. Lapho ngibeka inhliziyo yami ukukwazi ukuhlakanipha nokubona umshikashika owenziwa emhlabeni, ngokuba akakho obona ubuthongo ngamehlo akhe imini nobusuku,

17. ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola, angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.

About UmShumayeli Chapter 8

Read UmShumayeli Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of UmShumayeli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: UmShumayeli
Chapter: 8
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading UmShumayeli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading UmShumayeli Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is UmShumayeli Chapter 8?

UmShumayeli Chapter 8 is part of the Book of UmShumayeli in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete UmShumayeli Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 2
  2. Jobe Chapter 1
  3. Jobe Chapter 2
  4. Ruthe Chapter 1
  5. Zakariya Chapter 2
  6. Zefaniya Chapter 2
  7. Ruthe Chapter 4

Explore More from umshumayeli

  1. UmShumayeli Chapter 3
  2. UmShumayeli Chapter 2
  3. UmShumayeli Chapter 12
  4. UmShumayeli Chapter 1
  5. UmShumayeli Chapter 6
  6. UmShumayeli Chapter 10
  7. UmShumayeli Chapter 9

Related Chapters & Readings

  1. Levitikusi Chapter 2
  2. IsAmbulo Chapter 7
  3. 2 AmaKhosi Chapter 7
  4. Hoseya Chapter 1
  5. AmaHubo Chapter 145
  6. Galathiya Chapter 4
  7. 1 IziKronike Chapter 28
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *