Read Isaya Chapter 57 Online
Read Isaya Chapter 57 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Isaya 57
Isahluko 57
1. Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,
2. angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.
3. “Kepha sondelani nina madodana abahlola imihlola, inzalo yomphingi neyesifebe.
4. Nidlala nobani, nikhamisela bani umlomo, ninyalizela bani, na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,
5. nina enisha phakathi kwama-oki phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?
6. Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini; wona yiwo angawenkatho yakho; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa, wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?
7. Entabeni ende nephakemeyo uwubekile umbhede wakho; futhi wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo.
8. Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika, wazambulela omunye kunami, wakhwela embhedeni, wawandisa, wavumelana nabo, wayithanda imibhede yabo, wazibonelela indawo.
9. Waya kuMoloki uphethe amafutha, wawandisa amakha akho; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.
10. Wakhathala ngobude bendlela, kepha awushongo ukuthi: ‘Kuyize.’ Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla.
11. “Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?
12. Mina ngiyakumemezela ukulunga kwakho nemisebenzi yakho; kepha akuyikukusiza.
13. Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikophule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.”
14. Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, nilungise indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”
15. Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.
16. Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.
17. Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.
18. Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,
19. ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi: Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; “ngiyakumphilisa.”
20. Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo, ngokuba alunakuphumula, namanzi alo akhipha udaka nobishi.
21. “Akukho ukuthula kwababi,” usho uNkulunkulu wami.
About Isaya Chapter 57
Read Isaya Chapter 57 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Isaya
Chapter: 57
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Isaya Chapter 57 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Isaya Chapter 57?
Isaya Chapter 57 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Isaya Chapter 57 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Isaya
- Isaya Chapter 1
- Isaya Chapter 2
- Isaya Chapter 6
- Isaya Chapter 3
- Isaya Chapter 5
- Isaya Chapter 7
- Isaya Chapter 16
Explore More from ITestamente Elidala
- 1 Samuweli Chapter 31
- Genesise Chapter 30
- IzAga Chapter 23
- AmaHubo Chapter 118
- AmaHubo Chapter 142
- 1 AmaKhosi Chapter 21
- 1 AmaKhosi Chapter 2