Read Jobe Chapter 37 Online
Read Jobe Chapter 37 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jobe 37
Isahluko 37
1. “Yebo, ngenxa yalokho iyathuthumela inhliziyo yami, isuke endaweni yayo.
2. Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
3. Uyakukhipha phansi kwalo lonke izulu, nonyazi lwakhe luya emagumbini omhlaba.
4. Emva kwalo kuduma izwi; uduma ngezwi lobukhosi bakhe; kalumisi unyazi, lapho lizwakala izwi lakhe.
5. UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.
6. Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithika emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.
7. Uyanamathelisa izandla zabantu bonke ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.
8. Seziya izilwane ezikhundleni zazo, zihlale emihumeni yazo.
9. Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso, namakhaza emimoyeni ehlakazayo.
10. Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane, ububanzi bamanzi buqine.
11. Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama; uyeneka amafu onyazi lwakhe.
12. Ayajika, aphenduke njengokunquma kwakhe ukuba enze konke awayalayo ebusweni bomhlaba owakhiweyo,
13. awafikise abe luswazi, afike ngenxa yomhlaba noma ngenxa yomusa.
14. “Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.
15. Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani, enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?
16. Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu, izimangaliso zoPhelele olwazini,
17. wena ozingubo zakho zifudumala, lapho ethulisa umhlaba ngeshisandlu, na?
18. Ungeneka isibhakabhaka njengaye, esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?
19. Sifundise ukuthi siyakuthini kuye; asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.
20. Uyakutshelwa ukuthi ngiyakhuluma na? Ukhona yini oshoyo ukuthi makabhubhe na?
21. Manje, abantu abanakukubona ukukhanya okukhazimula esibhakabhakeni,
22. Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide; uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
23. USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.
24. Ngalokho abantu bayamesaba; kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.”
About Jobe Chapter 37
Read Jobe Chapter 37 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jobe
Chapter: 37
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jobe Chapter 37 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jobe Chapter 37?
Jobe Chapter 37 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jobe Chapter 37 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Ruthe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 4
Explore More from Jobe
- Jobe Chapter 6
- Jobe Chapter 26
- Jobe Chapter 12
- Jobe Chapter 3
- Jobe Chapter 41
- Jobe Chapter 24
- Jobe Chapter 30