Numeri Chapter 19

For English

Read Numeri Chapter 19 Online

Read Numeri Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Numeri and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Numeri 19

Isahluko 19

1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:

2. “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi: ‘Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso,

3. nisinike u-Eleyazare umpristi, yena asikhiphele ngaphandle kwekamu, sihlatshwe phambi kwakhe;

4. u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe, afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso,

5. isithole sishiswe phambi kwakhe, isikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe;

6. umpristi uyakuthabatha umsedari, nehisopi, nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.

7. Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu, umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.

8. Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

9. “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono.

10. Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.

11. “ ‘Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.

12. Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

13. Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.

14. “ ‘Nanku umthetho, uma umuntu efela etendeni: yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.

15. Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.

16. “ ‘Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba, noma isidumbu, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.

17. “ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo ayakuthelwa kanye nawo esitsheni,

18. umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende, nezitsha zonke, nabantu ababelapho, nowathinta ithambo, noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna,

19. umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amphothule ngosuku lwesikhombisa, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.

20. Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile.

21. Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; ofafaza amanzi okuphothula uyakuhlanza izingubo zakhe, nothinta amanzi okuphothula uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

22. Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.’ ”

About Numeri Chapter 19

Read Numeri Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Numeri
Chapter: 19
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Numeri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Numeri Chapter 19 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Numeri Chapter 19?

Numeri Chapter 19 is part of the Book of Numeri in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Numeri Chapter 19 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 20
  3. AmaHubo Chapter 10
  4. AmaHubo Chapter 2
  5. AmaHubo Chapter 49
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 51

Explore More from Numeri

  1. Numeri Chapter 26
  2. Numeri Chapter 34
  3. Numeri Chapter 29
  4. Numeri Chapter 16
  5. Numeri Chapter 20
  6. Numeri Chapter 7
  7. Numeri Chapter 24

Related Chapters & Readings

  1. Hoseya Chapter 11
  2. 1 AmaKhosi Chapter 18
  3. AmaHubo Chapter 149
  4. Zakariya Chapter 8
  5. AmaHubo Chapter 111
  6. 2 AmaKhosi Chapter 13
  7. Jobe Chapter 10
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *