Isaya Chapter 58

For English

Read Isaya Chapter 58 Online

Read Isaya Chapter 58 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Isaya 58

Isahluko 58

1. “Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.

2. Nokho bangifuna izinsuku zonke, bathanda ukwazi izindlela zami; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.

3. Bathi: ‘Sizileleni ukudla, ungaboni, na?’ ‘Sizihlupheleni izinhliziyo zethu, ungakwazi, na?’ “Bhekani, ngosuku lokuzila kwenu niyaqhuba umsebenzi, nicindezele zonke izisebenzi zenu.

4. Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisana nokushaya ngenqindi yobubi. Anisazili namuhla ukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu.

5. Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yini nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzila nosuku olwamukelekayo kuJehova na?

6. “Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?

7. Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?

8. Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.

9. Khona wena uyakubiza, kusabele uJehova; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. “Uma ususa phakathi kwakho ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi,

10. umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini.

11. UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.

12. Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.

13. “Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,

14. khona uyakuzijabulisa kuJehova, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.

About Isaya Chapter 58

Read Isaya Chapter 58 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Isaya
Chapter: 58
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Isaya Chapter 58 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Isaya Chapter 58?

Isaya Chapter 58 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Isaya Chapter 58 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Isaya

  1. Isaya Chapter 1
  2. Isaya Chapter 2
  3. Isaya Chapter 6
  4. Isaya Chapter 3
  5. Isaya Chapter 5
  6. Isaya Chapter 7
  7. Isaya Chapter 16

Explore More from ITestamente Elidala

  1. IzAga Chapter 11
  2. 1 IziKronike Chapter 8
  3. Eksodusi Chapter 21
  4. Hezekeli Chapter 1
  5. 2 IziKronike Chapter 1
  6. AmaHubo Chapter 37
  7. Eksodusi Chapter 9

Related Chapters & Readings

  1. IzEnzo Chapter 12
  2. 2 Samuweli Chapter 3
  3. AmaHubo Chapter 62
  4. IsAmbulo Chapter 9
  5. Eksodusi Chapter 24
  6. AmaHubo Chapter 131
  7. 1 IziKronike Chapter 3
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *