IzAga Chapter 1

For English

Read IzAga Chapter 1 Online

Read IzAga Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IzAga 1

Isahluko 1

1. Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli,

2. zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda,

3. nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,

4. nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu,

5. ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle

6. ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo, namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.

7. Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.

8. Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko,

9. ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.

10. Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi.

11. Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala,

12. sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini;

13. yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango;

14. yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe nesikhwama sinye sonke,”

15. ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,

16. ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.

17. Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.

18. Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila.

19. Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.

20. Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni, kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;

21. emashashalazini emigwaqo kuyaduma; ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:

22. “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?

23. Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.

24. Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;

25. kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami;

26. nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,

27. lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.

28. “Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana

29. ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova,

30. bengavumanga ukululeka kwami, bedelela konke ukusola kwami.

31. Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.

32. Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.

33. Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”

About IzAga Chapter 1

Read IzAga Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IzAga
Chapter: 1
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IzAga Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IzAga Chapter 1?

IzAga Chapter 1 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IzAga Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 2
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 4

Explore More from izaga

  1. IzAga Chapter 4
  2. IzAga Chapter 8
  3. IzAga Chapter 5
  4. IzAga Chapter 30
  5. IzAga Chapter 27
  6. IzAga Chapter 6
  7. IzAga Chapter 22

Related Chapters & Readings

  1. Nehemiya Chapter 3
  2. 2 IziKronike Chapter 28
  3. 2 AmaKhosi Chapter 5
  4. 2 Korinte Chapter 5
  5. IzEnzo Chapter 15
  6. AmaHubo Chapter 46
  7. KumaHeberu Chapter 8
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *