Read Mika Chapter 1 Online
Read Mika Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mika in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Mika and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Mika 1
Isahluko 1
1. Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.
2. Zwanini, bantu bonke, uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho, iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.
3. Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe, ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.
4. Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni.
5. Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa-Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe? Asiyilo iSamariya na? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?
6. “Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendle nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo.
7. Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo, nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo, ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”
8. Ngenxa yalokho ngiyakukhala, ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe, ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.
9. Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa, lokhu sekufikile nakwaJuda, kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema.
10. Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha; eBeti Afera huquzelani othulini.
11. Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo; abakhe eSawanani abaphumi; ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona.
12. Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle, lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova, kwafika esangweni laseJerusalema.
13. Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane, nina enakhileyo eLakishi; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.
14. Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana; izindlu zase-Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli.
15. Ngisezakwehlisa phezu kwenu enakhileyo eMaresha oyakunidla: udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu.
16. Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.
About Mika Chapter 1
Read Mika Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mika in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Mika
Chapter: 1
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Mika. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Mika Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Mika Chapter 1?
Mika Chapter 1 is part of the Book of Mika in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Mika Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 1
- Zefaniya Chapter 2
- Ruthe Chapter 4