Read Zakariya Chapter 14 Online
Read Zakariya Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Zakariya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Zakariya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Zakariya 14
Isahluko 14
1. Bheka, luyeza usuku lukaJehova, lapho impango yakho iyakwahlukaniswa phakathi kwakho.
2. Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.
3. UJehova uyakuphuma, alwe nalabo bezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa.
4. Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.
5. Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.
6. Kuyakuthi ngalolo suku kungabikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kuphela.
7. Kuyakuba lusuku ngokwalo olwaziwa nguJehova, kungabi yimini, kungabi ngubusuku, kepha kube ngukukhanya ngesikhathi sokuhlwa.
8. Kuyakuthi ngalolo suku kuphume amanzi aphilayo eJerusalema, inxenye yawo ngaselwandle lwasempumalanga, inxenye yawo ngaselwandle lwasentshonalanga, kube sehlobo nasebusika.
9. UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.
10. Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.
11. Kuyakuhlalwa kulo, kungabe kusabakho siqalekiso, kepha iJerusalema liyakuhlala ngokulondeka.
12. Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.
13. Kuyakuthi ngalolo suku kube phakathi kwabo isidumo esikhulu esivela kuJehova, babambe, kube yilowo nalowo isandla somakhelwane wakhe, isandla sakhe sivukele isandla somakhelwane wakhe.
14. NoJuda uyakulwa eJerusalema, kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube kuningi kakhulu.
15. Kuyakuba njalo ukushaywa kwamahhashi, neminyuzi, namakamela nezimbongolo, nazo zonke izilwane, okuyakuba khona kulawo makamu, njengalokho kushaywa.
16. Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.
17. Kuyakuthi abangakhuphuki emindenini yomhlaba, baye eJerusalema ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti, phezu kwabo kungabi yimvula.
18. Uma umndeni waseGibithe ungakhuphuki uze ufike, ayiyikuba naphezu kwawo; kepha kuyakuba khona ukushaywa uJehova ayakushaya ngakho izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.
19. Lokhu kuyakuba yisijeziso seGibithe nesijeziso sazo zonke izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.
20. Ngalolo suku kuyakulotshwa ezikhencezweni zamahhashi ukuthi: “Zahlukaniselwe uJehova,” amakhanzi asendlini kaJehova abe njengemikhele phambi kwe-altare.
21. Onke amakhanzi eJerusalema nakwaJuda ayakwahlukaniselwa uJehova Sebawoti; bonke abahlabayo bayakufika, bathathe kuwo, bapheke kuwo, kungabe kusabakho mthengisi ngalolo suku endlini kaJehova Sebawoti.
About Zakariya Chapter 14
Read Zakariya Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Zakariya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Zakariya
Chapter: 14
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Zakariya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Zakariya Chapter 14 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Zakariya Chapter 14?
Zakariya Chapter 14 is part of the Book of Zakariya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Zakariya Chapter 14 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 51
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 26
Explore More from zakariya
- Zakariya Chapter 5
- Zakariya Chapter 3
- Zakariya Chapter 6
- Zakariya Chapter 7
- Zakariya Chapter 11
- Zakariya Chapter 4
- Zakariya Chapter 9