Ruthe Chapter 4

For English

Read Ruthe Chapter 4 Online

Read Ruthe Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Ruthe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Ruthe and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Ruthe 4

Isahluko 4

1. UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi.

2. Wathatha amadoda ayishumi kuwo amalunga omuzi, wathi: “Hlalani phansi lapha.” Ahlala.

3. Wayesethi kuye umhlengi: “UNawomi obuyile ezweni lakwaMowabi uyathengisa ngesiqephu sezwe esasingesika-Elimeleki;

4. bengithi ngiyakukwambulela kuwe, ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi, ngitshele ukuba ngazi, ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho.” Wayesethi: “Ngiyakulihlenga.”

5. Wathi uBowazi: “Msukwana ulithenga izwe esandleni sikaNawomi, ulithenga nakuRuthe wakwaMowabi umkamufi ukuba ulivuse igama lofileyo efeni lakhe.”

6. Umhlengi wathi: “Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga.”

7. Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa-Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke: umuntu wakhumula isicathulo sakhe, wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli.

8. Umhlengi wayesethi kuBowazi: “Zithengele.” Wakhumula isicathulo sakhe.

9. UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi.

10. NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.”

11. Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;

12. indlu yakho mayibe njengendlu kaPheresi uTamari amzalela uJuda ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngale ntombazana.”

13. UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana.

14. Abesifazane bathi kuNawomi: “Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli.

15. Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.”

16. UNawomi wamthatha umntwana, wamgona esifubeni sakhe, waba ngumzanyana wakhe.

17. Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Kuzelwe indodana kuNawomi.” Baqamba igama lakhe ngokuthi u-Obede; yena unguyise kaJese, uyise kaDavide.

18. Nazi izizukulwane zikaPheresi: uPheresi wazala uHesironi;

19. uHesironi wazala uRamu; uRamu wazala u-Aminadaba;

20. u-Aminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni;

21. uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala u-Obede;

22. u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide.

About Ruthe Chapter 4

Read Ruthe Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Ruthe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Ruthe
Chapter: 4
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Ruthe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Ruthe Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Ruthe Chapter 4?

Ruthe Chapter 4 is part of the Book of Ruthe in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Ruthe Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 15
  7. AmaHubo Chapter 6

Explore More from ruthe

  1. Ruthe Chapter 2
  2. Ruthe Chapter 3
  3. Ruthe Chapter 1

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 135
  2. AmaHubo Chapter 110
  3. Isaya Chapter 21
  4. Numeri Chapter 2
  5. Nehemiya Chapter 12
  6. Johane Chapter 3
  7. IzAga Chapter 1
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *