Read Jobe Chapter 39 Online
Read Jobe Chapter 39 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jobe 39
Isahluko 39
1. “Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo, uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na?
2. Ungazibala izinyanga eziziqedayo, uyasazi isikhathi ezizala ngaso, na?
3. Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo, zikhiphe okwemihlelo yazo.
4. Amazinyane azo aqina, akhulela endle; ayahamba, angabe esabuyela kuzo futhi.
5. “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe; ngubani owathukulula izintambo zayo,
6. engenza ihlane libe yindlu yayo, nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?
7. Ihleka umsindo wedolobha, ingezwa ukumemeza komshayeli.
8. Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo: ifuna zonke izinto eziluhlaza.
9. “Inyathi iyakuthanda ukukhonza, ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?
10. Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni, ibhuqe izigodi emva kwakho, na?
11. Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo, na?
12. Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho, na?
13. “Amaphiko entshe ayaphaphaza, kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?
14. Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini, iwafudumeze othulini.
15. Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachoboza nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.
16. Iphatha kalukhuni amazinyane ayo, kungathi awasiwo awayo; ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.
17. Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha, akayabelanga ukuqonda.
18. Lapho indizela phezulu, ihleka amahhashi nabagibeli bawo.
19. “Nguwe onika ihhashi amandla alo, wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?
20. Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na? Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.
21. Liyaphanda ezigodini, liyesasa ngamandla alo, liyaphuma ukuhlangana nezimpi.
22. Liyahleka ingebhe, alesabi, alibuyi phambi kwenkemba.
23. Isambo siyalikhehlezela nomkhonto okhazimulayo, nengcula.
24. Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi; alimi ngokukhala kwecilongo.
25. Ekuzwakaleni kwecilongo lithi: ‘Nakho-ke;’ lihogela ukulwa kusekude, nendumo yezinduna nokumemeza kwazo.
26. “Uklebe uyandiza ngokuqonda kwakho, awelulele ngaseningizimu amaphiko akhe, na?
27. Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na?
28. Luhlala esiweni, lwakha khona, eweni ledwala eliyinqaba yalo.
29. Lulapho luhlola ukudla kwalo; amehlo alo akubona kusekude.
30. Amazinyane alo amunca igazi; lapho kukhona abagwaziweyo, lukhona nalo.”
About Jobe Chapter 39
Read Jobe Chapter 39 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jobe
Chapter: 39
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jobe Chapter 39 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jobe Chapter 39?
Jobe Chapter 39 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jobe Chapter 39 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 3
Explore More from Jobe
- Jobe Chapter 12
- Jobe Chapter 10
- Jobe Chapter 30
- Jobe Chapter 34
- Jobe Chapter 23
- Jobe Chapter 18
- Jobe Chapter 4