Read Luka Chapter 17 Online
Read Luka Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Luka in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Luka and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Luka 17
Isahluko 17
1. Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye!
2. Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.
3. Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.
4. Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.”
5. Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.”
6. Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela.
7. “Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: ‘Sondela masinyane, uhlale phansi, udle’?
8. Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: ‘Lungisa engizakukudla, uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena,’ na?
9. Uyayibonga yini inceku, ngokuba yenzile ekuyaliweyo na?
10. Kunjalo nani, nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.’ ”
11. Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile.
12. Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude,
13. aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!”
14. Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
15. Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu,
16. yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.
17. Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na?
18. Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”
19. Wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”
20. Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.
21. Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.”
22. Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.
23. Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi;’ maningayi, ningalandeli.
24. Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
25. Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.
26. “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.
27. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
28. “Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha;
29. kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;
30. kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.
31. Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva.
32. Khumbulani umkaLoti.
33. Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza.
34. Ngithi kini: Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
35. Kuyakuba khona ababili besila ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
36. Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.”
37. Base bephendula, bethi kuye: “Kuphi, Nkosi?” Wathi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.”
About Luka Chapter 17
Read Luka Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Luka in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Luka
Chapter: 17
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Luka. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Luka Chapter 17 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Luka Chapter 17?
Luka Chapter 17 is part of the Book of Luka in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Luka Chapter 17 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- Mathewu Chapter 1
- IsAmbulo Chapter 16
- IsAmbulo Chapter 10
- IsAmbulo Chapter 7
- IsAmbulo Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 2
- IsAmbulo Chapter 1
Explore More from Luka
- Luka Chapter 4
- Luka Chapter 14
- Luka Chapter 8
- Luka Chapter 23
- Luka Chapter 10
- Luka Chapter 3
- Luka Chapter 9