Joweli Chapter 1

For English

Read Joweli Chapter 1 Online

Read Joweli Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Joweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Joweli and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Joweli 1

Isahluko 1

1. Izwi likaJehova elafika kuJoweli indodana kaPhethuweli.

2. Yizwani lokhu nina badala, nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni. Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?

3. Kutsheleni abantwana benu, nabantwana benu abantwana babo, nabantwana babo esinye isizukulwane.

4. Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.

5. Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayini ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.

6. Ngokuba kwenyukele ezweni lami isizwe esinamandla nesingenakubalwa; amazinyo aso angamazinyo engonyama, namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.

7. Sichithile umvini wami, saxebula umkhiwane wami; siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla, amagatsha awo sawenza aba mhlophe.

8. Khala njengentombi ebhince indwangu yamasaka ngomyeni wobusha bayo.

9. Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

10. Amasimu achithekile, umhlabathi uyalila, ngokuba amabele achithiwe; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.

11. Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini ngokolweni nangebhali, ngokuba isivuno samasimu sichithakele.

12. Umvini ubunile, imikhiwane iwumile; imipomegranati, namasundu, nemi-apula, nemithi yonke yasendle kubunile, ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.

13. Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

14. Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.

15. Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.

16. Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu, intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?

17. Imbewu iyabola phansi kwamagade ayo; izingobo zichithakele, izinqolobane zidiliziwe, ngokuba amabele omile.

18. Yeka, ukububula kwezilwane! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile, ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.

19. Ngikhala kuwe Jehova, ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.

20. Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela, ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo udlile amadlelo asehlane.

About Joweli Chapter 1

Read Joweli Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Joweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Joweli
Chapter: 1
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Joweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Joweli Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Joweli Chapter 1?

Joweli Chapter 1 is part of the Book of Joweli in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Joweli Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 2
  2. Jobe Chapter 1
  3. Ruthe Chapter 1
  4. Zakariya Chapter 2
  5. Zefaniya Chapter 2
  6. Jobe Chapter 2
  7. Ruthe Chapter 4

Explore More from Joweli

  1. Joweli Chapter 3
  2. Joweli Chapter 2

Related Chapters & Readings

  1. 2 IziKronike Chapter 26
  2. 1 AmaKhosi Chapter 8
  3. Hezekeli Chapter 46
  4. Jeremiya Chapter 48
  5. Nehemiya Chapter 9
  6. 1 Samuweli Chapter 3
  7. Jeremiya Chapter 37
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *