IzAga Chapter 4

For English

Read IzAga Chapter 4 Online

Read IzAga Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IzAga 4

Isahluko 4

1. Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.

2. Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle; ningawushiyi umthetho wami.

3. Ngokuba ngangiyindodana kubaba, ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.

4. Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile.

5. Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;

6. ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza.

7. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.

8. Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona.

9. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa, kunikeze kuwe umqhele wodumo.”

10. Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.

11. Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha; ngikuhola emikhondweni yobuqotho.

12. Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa, nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.

13. Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.

14. Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo.

15. Yixwaye, ungadluli ngayo; chezuka kuyo, udlule.

16. Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.

17. Ngokuba badla isinkwa sobubi, baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.

18. Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.

19. Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.

20. Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.

21. Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho,

22. ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.

23. Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

24. Susa kuwe ukuphambana komlomo, nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.

25. Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.

26. Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane, ziqine zonke izindlela zakho.

27. Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo; chezukisa unyawo lwakho ebubini.

About IzAga Chapter 4

Read IzAga Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IzAga
Chapter: 4
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IzAga Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IzAga Chapter 4?

IzAga Chapter 4 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IzAga Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 2
  2. Jobe Chapter 1
  3. Zakariya Chapter 2
  4. Jobe Chapter 2
  5. Ruthe Chapter 1
  6. Zefaniya Chapter 2
  7. Ruthe Chapter 4

Explore More from izaga

  1. IzAga Chapter 24
  2. IzAga Chapter 3
  3. IzAga Chapter 27
  4. IzAga Chapter 19
  5. IzAga Chapter 18
  6. IzAga Chapter 9
  7. IzAga Chapter 28

Related Chapters & Readings

  1. 1 IziKronike Chapter 4
  2. 2 IziKronike Chapter 12
  3. AmaHubo Chapter 48
  4. 2 Korinte Chapter 13
  5. AmaHubo Chapter 16
  6. Johane Chapter 16
  7. Nehemiya Chapter 12
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *