Read Hoseya Chapter 4 Online
Read Hoseya Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hoseya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Hoseya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Hoseya 4
Isahluko 4
1. Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.
2. “Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.
3. Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.
4. “Makungabikho ophikisana nomunye, asole omunye; nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.
5. Mpristi, uyakukhubeka emini, kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku; nonyoko ngiyakumbhubhisa.
6. Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.
7. Njengokwanda kwabo, kanjalo bona kimi; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.
8. Badla izono zabantu bami, babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.
9. Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi: ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo, ngibuyisele kubo izenzo zabo.
10. “Bayakudla, bangasuthi kodwa; bayakufeba, bangandi kodwa, ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.
11. Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.
12. Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.
13. Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki nemipopula nemitherebinte, ngokuba umthunzi wakho muhle; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga.
14. “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.
15. “Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’
16. Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole; uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?
17. U-Efrayimi uhlangene nezithombe; myeke.
18. Ukuphuza kwabo sekuphelile; bayafeba nokufeba; izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.
19. Umoya ubasongile ngamaphiko awo; bayakujabha ngemihlatshelo yabo.
About Hoseya Chapter 4
Read Hoseya Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hoseya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Hoseya
Chapter: 4
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Hoseya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Hoseya Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Hoseya Chapter 4?
Hoseya Chapter 4 is part of the Book of Hoseya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Hoseya Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from hoşeýa
- Hoşeýa Chapter 1
- Hoşeýa Chapter 4
- Hoşeýa Chapter 2
- Hoşeýa Chapter 12
- Hoşeýa Chapter 9
- Hoşeýa Chapter 8
- Hoşeýa Chapter 7
Explore More from ITestamente Elidala
- Duteronomi Chapter 30
- Hezekeli Chapter 7
- Jobe Chapter 8
- IzAga Chapter 31
- Numeri Chapter 21
- AmaHubo Chapter 25
- 1 Samuweli Chapter 13