Read AmaRoma Chapter 14 Online
Read AmaRoma Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaRoma and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
AmaRoma 14
Isahluko 14
1. Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.
2. Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino.
3. Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
4. Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.
5. Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe.
6. Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu.
7. Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena;
8. ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.
9. Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.
10. Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.
11. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi, ‘kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”
12. Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.
13. Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.
14. Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi.
15. Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu.
16. Ngalokho okuhle kwenu makungahlanjalazwa.
17. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,
18. ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu.
19. Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana.
20. Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kubi kulowo muntu okudla ekhubeka.
21. Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.
22. Ukukholwa onakho, yiba nakho ngokwakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazahluleli ngalokho akukhethayo;
23. kepha ongabazayo, nxa edla, ulahliwe, ngokuba kungengokukholwa; konke okungaveli ekukholweni kuyisono.
About AmaRoma Chapter 14
Read AmaRoma Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: AmaRoma
Chapter: 14
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaRoma. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading AmaRoma Chapter 14 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is AmaRoma Chapter 14?
AmaRoma Chapter 14 is part of the Book of AmaRoma in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete AmaRoma Chapter 14 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from amaroma
- AmaRoma Chapter 1
- AmaRoma Chapter 6
- AmaRoma Chapter 11
- AmaRoma Chapter 10
- AmaRoma Chapter 9
- AmaRoma Chapter 4
- AmaRoma Chapter 3
Explore More from ITestamente Elisha
- Marku Chapter 14
- KumaHeberu Chapter 4
- 1 Korinte Chapter 11
- Luka Chapter 21
- Marku Chapter 8
- 2 Korinte Chapter 3
- Mathewu Chapter 19