Jeremiya Chapter 15

For English

Read Jeremiya Chapter 15 Online

Read Jeremiya Chapter 15 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jeremiya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jeremiya 15

Isahluko 15

1. Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.

2. Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Siyakuphuma siyephi na?’ usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Abokufa, mabaye ekufeni, nabenkemba, enkembeni, nabendlala, endlaleni, nabokuthunjwa, ekuthunjweni.’

3. “Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.

4. Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.

5. “Ngokuba ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na? Ngubani oyakukukhalela? Ngubani oyakuphambukela ukubuza ngempilo yakho na?

6. Wena ungishiyile,” usho uJehova, “wabuyela emuva; ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha; sengikhathele ukuhawukela.

7. Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe, ngabaphuca abantwana, ngachitha abantu bami; ababuyanga ezindleleni zabo.

8. Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle, ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini, ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.

9. Owazala abayisikhombisa usedangele, waphuma umoya; ilanga lakhe lishonile kuse semini; ujabhile, wayangaza; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni ngaphambi kwezitha zabo,” usho uJehova.

10. Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.

11. Wathi uJehova: “Ngiyakukukhulula kube kuhle; impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxuse ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.

12. “Umuntu angaphula insimbi yini, insimbi yasenyakatho, nethusi, na?

13. Ngiyakunikela imfuyo yakho nengcebo yakho kube yimpango kungengantengo, ngazo zonke izono zakho emikhawulweni yakho yonke.

14. Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami oyakuvutha kini.”

15. Uyazi wena Jehova; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.

16. Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.

17. Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, angithokozanga; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.

18. Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?

19. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Uma ubuya, ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala, uyakuba ngumlomo wami; laba bayakubuyela kuwe, kepha wena awuyikubuyela kubo.

20. Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi oluqinileyo kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” usho uJehova.

21. “Ngiyakukophula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.”

About Jeremiya Chapter 15

Read Jeremiya Chapter 15 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jeremiya
Chapter: 15
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jeremiya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jeremiya Chapter 15 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jeremiya Chapter 15?

Jeremiya Chapter 15 is part of the Book of Jeremiya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jeremiya Chapter 15 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 26

Explore More from Jeremiya

  1. Jeremiya Chapter 11
  2. Jeremiya Chapter 49
  3. Jeremiya Chapter 22
  4. Jeremiya Chapter 39
  5. Jeremiya Chapter 41
  6. Jeremiya Chapter 12
  7. Jeremiya Chapter 14

Related Chapters & Readings

  1. Levitikusi Chapter 5
  2. Duteronomi Chapter 30
  3. Marku Chapter 2
  4. Hezekeli Chapter 27
  5. IzEnzo Chapter 14
  6. 2 Samuweli Chapter 14
  7. Hezekeli Chapter 42
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *