Read 2 Samuweli Chapter 4 Online
Read 2 Samuweli Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Samuweli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 Samuweli 4
Isahluko 4
1. Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi u-Abineri ufile eHebroni, izandla zayo zaba buthakathaka, nabo bonke abakwa-Israyeli bakhathazeka.
2. Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo; igama lenye lalinguBahana negama lenye lalinguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini, ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini.
3. AbaseBeyeroti babalekela eGitayimi, bagogobala khona kuze kube namuhla.
4. UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo. Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha, wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.
5. Amadodana kaRimoni waseBeyeroti oRekabi noBahana ahamba, afika selishisa ilanga endlini ka-Ishi Bosheti ephumula embhedeni emini.
6. Bangena khona phakathi kwendlu kungathi bayakulanda ukolweni; bamgwaza esiswini; oRekabi noBahana umfowabo babaleka.
7. Babengenile-ke endlini esalele embhedeni ekamelweni lakhe, bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe, bahamba ngendlela yase-Araba ubusuku bonke.
8. Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.”
9. UDavide waphendula oRekabi noBahana umfowabo amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami osizini lonke,
10. umuntu owangitshela ukuthi: ‘Bheka, uSawule ufile,’ ecabanga ukuthi ulethile izindaba ezinhle, ngambamba, ngambulala eSikilagi, ethi ngangiyakumnika umvuzo wezindaba zakhe;
11. kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe, angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu, nginisuse emhlabeni, na?”
12. UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe, zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.
About 2 Samuweli Chapter 4
Read 2 Samuweli Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 Samuweli
Chapter: 4
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Samuweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 Samuweli Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 Samuweli Chapter 4?
2 Samuweli Chapter 4 is part of the Book of 2 Samuweli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 Samuweli Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2-samuweli
- 2 Samuweli Chapter 1
- 2 Samuweli Chapter 11
- 2 Samuweli Chapter 3
- 2 Samuweli Chapter 19
- 2 Samuweli Chapter 18
- 2 Samuweli Chapter 15
- 2 Samuweli Chapter 6
Explore More from ITestamente Elidala
- 1 IziKronike Chapter 16
- 2 AmaKhosi Chapter 2
- Hezekeli Chapter 17
- Genesise Chapter 3
- Jeremiya Chapter 24
- 2 AmaKhosi Chapter 14
- Isaya Chapter 43