Read Isaya Chapter 40 Online
Read Isaya Chapter 40 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Isaya 40
Isahluko 40
1. Duduzani, nibaduduze abantu bami, usho uNkulunkulu wenu.
2. Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo.
3. Izwi liyamemeza lithi: “Lungisani ehlane indlela kaJehova, nihlelembe oqwathuleni umgwaqo kaNkulunkulu wethu.
4. Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa.
5. Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”
6. Izwi liyakhuluma lithi: “Memeza!” Ngathi: “Ngiyakumemezani na?” Inyama yonke ingutshani, bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle.
7. Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho. Impela abantu bangutshani.
8. Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, kepha izwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade.
9. Khuphukela entabeni ende, wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho, wena Jerusalema obika okujabulisayo, uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”
10. Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla; ingalo yayo iyakumbusela; bhekani, umvuzo wayo inawo, inkokhelo yayo iphambi kwayo.
11. Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.
12. Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngezikalo namagquma ngezisindo, na?
13. Ngubani oqondisile uMoya kaJehova, wamfundisa engumluleki wakhe, na?
14. Walulekana nobani waze wamqondisa, wamfundisa indlela yokwahlulela, wamnika ukwazi, wamazisa indlela yokuqonda, na?
15. Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni, zibalwa njengothuli lwesilinganiso; bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.
16. ILebanoni alanele ukubaswa, nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.
17. Zonke izizwe zinjengento engelutho phambi kwakhe, zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.
18. Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso, na?
19. Yisithombe yini esibunjiwe yisisebenzi, sanamekwa ngegolide ngumkhandi, sancibilikiselwa amaketanga esiliva, na?
20. Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjalo uyakhetha umuthi ongaboliyo, azifunele isisebenzi esihlakaniphileyo ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa.
21. Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni, aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na?
22. Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba — abakhile kuwo banjengezintethe — noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,
23. nowenza izikhulu zibe yinto engelutho, nabahluleli ukuba babe yize.
24. Yebo, banele ukutshalwa nje, yebo, banele ukuhlwanyelwa nje, yebo, isiqu sanele ukugxila emhlabathini, abesephephetha kubo, babune, isivunguvungu sibasuse njengamabibi.
25. “Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye?” usho oNgcwele.
26. Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.
27. Usholoni wena Jakobe, ukhulumelani wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuJehova, ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami,” na?
28. Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.
29. Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.
30. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa,
31. kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
About Isaya Chapter 40
Read Isaya Chapter 40 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Isaya
Chapter: 40
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Isaya Chapter 40 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Isaya Chapter 40?
Isaya Chapter 40 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Isaya Chapter 40 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Isaya
- Isaya Chapter 27
- Isaya Chapter 28
- Isaya Chapter 13
- Isaya Chapter 26
- Isaya Chapter 25
- Isaya Chapter 1
- Isaya Chapter 34
Explore More from ITestamente Elidala
- Jobe Chapter 2
- 2 IziKronike Chapter 11
- Duteronomi Chapter 1
- Jeremiya Chapter 12
- Jeremiya Chapter 6
- Hezekeli Chapter 4
- Isaya Chapter 9