Joweli Chapter 2

For English

Read Joweli Chapter 2 Online

Read Joweli Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Joweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Joweli and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Joweli 2

Isahluko 2

1. Bethani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaJehova, ngokuba lusondele;

2. usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.

3. Phambi kwabo kuyadla umlilo, nasemva kwabo kushisa ilangabi; izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene, nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo, akukho okubabalekelayo.

4. Isimo sabo sinjengesimo samahhashi, bagijima njengabamahhashi.

5. Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba, njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibi nanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.

6. Phambi kwabo abantu bayathuthumela, bonke ubuso buyaphaphatheka.

7. Bagijima njengamaqhawe, bakhwela ezingangeni njengamadoda empi; bahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, abaphambanisi izindlela zabo.

8. Abahlohlolozani omunye nomunye; bahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe; baziphonsa phakathi kwezikhali, abakhawuli.

9. Batheleka emzini, bagijima ogangeni; bakhuphukela ezindlini, bangena ngamafasitele njengesela.

10. Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, amazulu ayathuthumela; ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama, nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.

11. UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?

12. “Kepha manje,” usho uJehova, “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.”

13. Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.

14. Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na?

15. Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano;

16. buthani abantu, ningcwelise ibandla, niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe, nomakoti emgonqweni wakhe.

17. Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”

18. UJehova wayesehawukela izwe lakhe, wabahawukela abantu bakhe.

19. UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.

20. “Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga, kukhuphuke ukunuka kwakhe, kwenyuke iphunga lakhe elibi;” ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

21. Ungesabi, lizwe; jabula, uthokoze, ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.

22. Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.

23. Jabulani, bantwana baseSiyoni, nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga, unehlisela imvula, eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni.

24. Izibuya ziyakugcwala amabele, nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.

25. “Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.

26. Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

27. Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

28. “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;

29. naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami.

30. Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.

31. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.

32. Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.

About Joweli Chapter 2

Read Joweli Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Joweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Joweli
Chapter: 2
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Joweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Joweli Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Joweli Chapter 2?

Joweli Chapter 2 is part of the Book of Joweli in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Joweli Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 2
  2. Jobe Chapter 1
  3. Zakariya Chapter 2
  4. Zefaniya Chapter 2
  5. Jobe Chapter 2
  6. Ruthe Chapter 1
  7. Ruthe Chapter 4

Explore More from Joweli

  1. Joweli Chapter 1
  2. Joweli Chapter 3

Related Chapters & Readings

  1. Nehemiya Chapter 5
  2. Jobe Chapter 42
  3. Daniyeli Chapter 5
  4. Mathewu Chapter 26
  5. Jeremiya Chapter 21
  6. Levitikusi Chapter 16
  7. IzEnzo Chapter 19
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *