2 Korinte Chapter 1

For English

Read 2 Korinte Chapter 1 Online

Read 2 Korinte Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Korinte and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 Korinte 1

Isahluko 1

1. UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya:

2. Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

3. Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke,

4. osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.

5. Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.

6. Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.

7. Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo.

8. Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.

9. Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo,

10. owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.

11. Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.

12. Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.

13. Ngokuba asinilobeli okunye, kuphela lokho enikufundayo nenikuqonda kahle; ngiyethemba futhi ukuthi niyakukuqonda kahle kuze kube sekugcineni,

14. njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu, njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.

15. Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili,

16. ngidlule ngakini, ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini sengivela eMakedoniya, ngiphelekezelwe yinina sengiya eJudiya.

17. Pho-ke, bengidlala nje ngisahlose lokho na? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini, ukuze kimina kube nguyebo yebo, kanye noqhabo qhabo, na?

18. Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile, nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo.

19. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo.

20. Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen futhi, kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.

21. Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu,

22. owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.

23. Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte,

24. kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.

About 2 Korinte Chapter 1

Read 2 Korinte Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 Korinte
Chapter: 1
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 Korinte Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 Korinte Chapter 1?

2 Korinte Chapter 1 is part of the Book of 2 Korinte in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 Korinte Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2-korinte

  1. 2 Korinte Chapter 12
  2. 2 Korinte Chapter 4
  3. 2 Korinte Chapter 13
  4. 2 Korinte Chapter 11
  5. 2 Korinte Chapter 5
  6. 2 Korinte Chapter 8
  7. 2 Korinte Chapter 6

Explore More from ITestamente Elisha

  1. Mathewu Chapter 5
  2. Marku Chapter 8
  3. EkaJakobe Chapter 2
  4. Mathewu Chapter 19
  5. 1 Korinte Chapter 15
  6. Marku Chapter 4
  7. Mathewu Chapter 18

Related Chapters & Readings

  1. Numeri Chapter 13
  2. IzAga Chapter 24
  3. Isaya Chapter 18
  4. 1 IziKronike Chapter 28
  5. Genesise Chapter 1
  6. Joshuwa Chapter 20
  7. Levitikusi Chapter 20
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *