Jobe Chapter 9

For English

Read Jobe Chapter 9 Online

Read Jobe Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jobe 9

Isahluko 9

1. Wayesephendula uJobe ethi:

2. “Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo, kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?

3. Uma efuna ukuthetha amacala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.

4. Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,

5. yena ogudluza izintaba ngokungazeleli, ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;

6. ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo;

7. oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi;

8. oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle;

9. owenza iBhere, neMpambano, nesiLimela, namaKamelo aseningizimu;

10. owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.

11. Bheka, uyangidlula, ngingaboni; uyagudla, ngingezwa.

12. Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: ‘Wenzani na?’

13. “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.

14. Pho, mina ngingamphendula ngithini, ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?

15. Noma bengilungile, bengingenakumphendula, kepha nginxuse umahluleli wami.

16. Uma bengimbizile abesengiphendula, bengingayikukholwa nokho ukuthi ubekile indlebe ezwini lami.

17. Uyangilimaza ngesiphepho; uyandisa amanxeba ami ngeze.

18. Kavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu.

19. Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na?

20. Noma ngilungile, umlomo wami uyakungilahla; noma ngingenacala, uyakuthi ngonakele.

21. Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami; anginanzi ukuphila kwami.

22. Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi: ‘Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.’

23. Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo, uyahleka ingozi yabangenacala.

24. Umhlaba unikezwe esandleni sababi; uyasibekela ubuso babahluleli bawo; uma kungesiye, pho, ngubani na?

25. “Imihla yami iyashesha kunesigijimi; iyabaleka ingabonanga okuhle.

26. Itshuza njengomkhunjana womhlanga, njengokhozi olutheleka empangweni.

27. Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami, ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,

28. ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami, ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.

29. Ngiyakulahlwa mina; ngikhandlekelani ize na?

30. Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa, ngihlambe izandla zami ngensipho,

31. uyakungicwilisa nokho emgodini, izingubo zami zinengwe yimi.

32. Ngokuba akasiye umuntu onjengami ukuba ngingase ngimphendule, siye kanyekanye ekwahlulelweni.

33. Akukho mnqamulajuqu phakathi kwethu ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.

34. Makayisuse induku yakhe kimi; ingebhe ngaye mayingangesabisi.

35. Khona ngiyakukhuluma, ngingamesabi, ngokuba anginjalo ngokwami.

About Jobe Chapter 9

Read Jobe Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jobe
Chapter: 9
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jobe Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jobe Chapter 9?

Jobe Chapter 9 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jobe Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 26

Explore More from Jobe

  1. Jobe Chapter 38
  2. Jobe Chapter 22
  3. Jobe Chapter 14
  4. Jobe Chapter 10
  5. Jobe Chapter 33
  6. Jobe Chapter 17
  7. Jobe Chapter 6

Related Chapters & Readings

  1. Eksodusi Chapter 40
  2. Duteronomi Chapter 12
  3. Eksodusi Chapter 3
  4. IzEnzo Chapter 12
  5. AmaHubo Chapter 115
  6. Jobe Chapter 20
  7. KumaHeberu Chapter 4
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *