Read Jobe Chapter 20 Online
Read Jobe Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jobe 20
Isahluko 20
1. Wayesethatha uSofari umNahama, wathi:
2. “Ngalokho imicabango yami iyangiphendula ngenxa yokushesha okuphakathi kwami.
3. Ngiyezwa insolo engihlazisayo, kepha umoya wasengqondweni yami uyangiphendula.
4. “Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo, selokhu abantu babekwa emhlabeni,
5. ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?
6. Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini, nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,
7. uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe; abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’
8. Uyakundiza njengephupho, angabe esafunyanwa; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.
9. Iso elalimgqolozela alisamboni, nendawo yakhe ayisamboni.
10. Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu, izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.
11. Amathambo akhe agcwele ubusha, kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.
12. “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe, noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,
13. noma ebugodla engabushiyi, kepha ebugcina emlonyeni wakhe,
14. kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe, kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.
15. Ugwinyile ingcebo; uyakubuye ayihlanze; uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.
16. Uyakumunca isihlungu samabululu; ulimi lwenyoka luyakumbulala.
17. Akayikubuka imifula, iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.
18. Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi; ngempahla ayitholileyo akayikujabula.
19. Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.
20. “Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe; kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.
21. Akusalanga lutho angaludlanga; ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.
22. Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa; izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.
23. Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.
24. Uyabalekela isikhali sensimbi, kepha ubhotshozwa ngumnsalo wethusi.
25. Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe; nxa uphuma unyampuza enyongweni, abesehlelwa yingebhe.
26. Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe; umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla, uchithe okusele etendeni lakhe.
27. Izulu liyakwambula ububi bakhe, umhlaba umvukele.
28. Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka, inyamalale ngomuhla wentukuthelo.
29. Lesi siyisabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu, nefa alinqunyelweyo nguNkulunkulu.”
About Jobe Chapter 20
Read Jobe Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jobe
Chapter: 20
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jobe Chapter 20 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jobe Chapter 20?
Jobe Chapter 20 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jobe Chapter 20 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 4
Explore More from Jobe
- Jobe Chapter 35
- Jobe Chapter 33
- Jobe Chapter 27
- Jobe Chapter 17
- Jobe Chapter 22
- Jobe Chapter 40
- Jobe Chapter 25