Hezekeli Chapter 46

For English

Read Hezekeli Chapter 46 Online

Read Hezekeli Chapter 46 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hezekeli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Hezekeli and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Hezekeli 46

Isahluko 46

1. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa, livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga.

2. Isikhulu siyakungena ngendlela yompheme wesango ngaphandle, sime ngasensikeni yesango, abapristi balungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula, sikhuleke ngasembundwini wesango; bese siphuma, kepha isango aliyikuvalwa kuze kube kusihlwa.

3. Abantu bayakukhuleka esivalweni salelo sango phambi kukaJehova ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga.

4. Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici;

5. umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa ngenqama, umnikelo wempuphu owamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini lamafutha nge-efa.

6. Ngosuku lokwethwasa kwenyanga kube yiduna elingenasici, namawundlu ayisithupha, nenqama, okungenasici.

7. Siyakulungisa umnikelo wempuphu: i-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu kube njengamandla aso, kube yihini lamafutha nge-efa.

8. Lapho isikhulu singena, siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume futhi ngendlela yawo.

9. Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngendlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo, kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.

10. Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.

11. “ ‘Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini lamafutha nge-efa.

12. Lapho isikhulu siyakulungisa umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova, siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga, silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha, bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.

13. “ ‘Uyakulungisa iwundlu elinomnyaka munye elingenasici libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova imihla ngemihla, ulilungise ekuseni njalo.

14. Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo, inxenye yesithupha ye-efa nenxenye yesithathu yehini lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade.

15. Bayakulungisa-ke iwundlu, nomnikelo wempuphu, namafutha ekuseni njalo, kube ngumnikelo wokushiswa imihla yonke.

16. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uma isikhulu sinika enye yamadodana aso isipho, kuyifa layo, yimfuyo yayo ngokobufa.

17. Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso, siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka, bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.

18. Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.’ ”

19. Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abapristi, abheke ngasenyakatho; bheka, kwakukhona lapho indawo ngasemuva ngasentshonalanga.

20. Wathi kimi: “Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”

21. Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle, wangidlulisa ezingosini zozine zegceke; bheka, ezingosini zonke zegceke kwakukhona ibala.

22. Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ahlukanisiweyo, ubude buyizingalo ezingamashumi amane, nobubanzi bungezingamashumi amathathu; lawa omane asezingosini ayeyisilinganiso sinye.

23. Phakathi kwawo nxazonke, nxazonke zawo omane, kwakukhona ugange olwenziwe lunamaziko phansi ogangeni nxazonke.

24. Wathi kimi: “Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.”

About Hezekeli Chapter 46

Read Hezekeli Chapter 46 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hezekeli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Hezekeli
Chapter: 46
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Hezekeli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Hezekeli Chapter 46 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Hezekeli Chapter 46?

Hezekeli Chapter 46 is part of the Book of Hezekeli in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Hezekeli Chapter 46 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Hezekeli

  1. Hezekeli Chapter 2
  2. Hezekeli Chapter 40
  3. Hezekeli Chapter 28
  4. Hezekeli Chapter 20
  5. Hezekeli Chapter 8
  6. Hezekeli Chapter 16
  7. Hezekeli Chapter 41

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Isaya Chapter 51
  2. Genesise Chapter 12
  3. Eksodusi Chapter 20
  4. Isaya Chapter 24
  5. AmaHubo Chapter 84
  6. Eksodusi Chapter 37
  7. Eksodusi Chapter 10

Related Chapters & Readings

  1. IzAga Chapter 25
  2. 2 Korinte Chapter 7
  3. AmaHubo Chapter 138
  4. IsiHlabelelo SeziHlabelelo Chapter 5
  5. IzEnzo Chapter 14
  6. Numeri Chapter 4
  7. Jobe Chapter 42
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *