Read Jobe Chapter 7 Online
Read Jobe Chapter 7 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jobe 7
Isahluko 7
1. “Umuntu akasempini yini emhlabeni, imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na?
2. Njengenceku ekhefuzelela ithunzi, nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe,
3. kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi; ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.
4. Lapho ngilala phansi, ngisho ngithi: ‘Ngingavuka nini,’ ngokuba ubusuku bude; ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.
5. Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli; isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike.
6. “Imihla yami iyashesha kunesaluko, iphela ingenathemba.
7. Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami aliyikubuye libone okuhle.
8. Iso longibonayo alisayikungibuka; amehlo akho esekimi, angisekho.
9. Ifu liphela lihamba; kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.
10. Kasayikubuyela endlini yakhe; indawo yakhe ayisayikumazi.
11. “Ngalokho nami angiyikubamba umlomo wami; ngiyakukhuluma osizini lomoya wami, ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.
12. Ngilulwandle yini, ngingumkhomo yini, ukuze ungibekele abalindi?
13. Lapho ngithi umbhede wami uyakungiduduza, ukhukho lwami lungithwalise ukukhala kwami,
14. uyangesabisa ngamaphupho, ungethusa ngemibono,
15. ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywa nokufa kunalawa mathambo ami.
16. Ngiyanengwa yiwo; mangingahlali njalo; ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.
17. Uyini umuntu ukuba umkhulise, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,
18. nokuba umhambele ekuseni njalo, umhlole njalonjalo, na?
19. Koze kube nini uyeka ukungibheka na? Ngiyeke, ngize ngiminze amathe ami.
20. Noma ngonile, ngenzeni kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yisigcibisholo sakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi, na?
21. Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”
About Jobe Chapter 7
Read Jobe Chapter 7 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jobe
Chapter: 7
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jobe Chapter 7 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jobe Chapter 7?
Jobe Chapter 7 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jobe Chapter 7 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 1
- Ruthe Chapter 4
Explore More from Jobe
- Jobe Chapter 14
- Jobe Chapter 36
- Jobe Chapter 32
- Jobe Chapter 40
- Jobe Chapter 23
- Jobe Chapter 34
- Jobe Chapter 31