Read Jobe Chapter 4 Online
Read Jobe Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jobe 4
Isahluko 4
1. Wayesethatha u-Elifazi, umThemani, wathi:
2. “Uma kulingwa ukukhulunywa kuwe, uyakukhathazeka na? Kepha ngubani ongazibamba, angakhulumi, na?
3. Bheka, uqondisile abaningi; uqinisile izandla ezibuthakathaka.
4. Amazwi akho amisile okhubekayo; usimamisile amadolo athuthumelayo.
5. “Kepha sekufikile kuwe, uyakhathazeka; kuyakuthinta wena, uyashaywa luvalo.
6. Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini, nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?
7. Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na? Babhujiswaphi abalungileyo na?
8. Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna.
9. Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.
10. Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela, namazinyo amabhongo ayaphuka.
11. Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.
12. “Kwanyenyiselwa kimi izwi, indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.
13. Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,
14. ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.
15. Kwadlula umoya ebusweni bami; uboya bomzimba wami bavuka.
16. Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho; isimo sasiphambi kwamehlo ami; kwathula; ngase ngizwa izwi, lathi:
17. ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?
18. Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi, nezingelosi zakhe uyazibeka icala;
19. kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu.
20. Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa; babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu.
21. Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?’
About Jobe Chapter 4
Read Jobe Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jobe
Chapter: 4
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jobe Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jobe Chapter 4?
Jobe Chapter 4 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jobe Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 4
Explore More from Jobe
- Jobe Chapter 13
- Jobe Chapter 35
- Jobe Chapter 9
- Jobe Chapter 26
- Jobe Chapter 41
- Jobe Chapter 40
- Jobe Chapter 34