Jobe Chapter 32

For English

Read Jobe Chapter 32 Online

Read Jobe Chapter 32 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jobe 32

Isahluko 32

1. Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.

2. Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.

3. Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.

4. U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.

5. Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

6. U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: “Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami.

7. Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’

8. Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

9. Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela.

10. “Ngalokho ngithi: Ngizweni; nami ngiyakusho umqondo wami.

11. Bhekani, ngilindele amazwi enu, ngabeka indlebe emiqondweni yenu, nisaphenya eniyakukusho.

12. Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

13. Maningasho ukuthi: ‘Sifumene ukuhlakanipha; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.’

14. Akahlelelanga mina amazwi akhe; angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.

15. “Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi.

16. Ngibalindele yini, uma bengakhulumi, na? Ngokuba bemi bengasaphenduli.

17. Nami ngiyakuphendula okwami, ngitshengise nami umqondo wami.

18. Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.

19. Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.

20. Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.

21. Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.

22. Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.

About Jobe Chapter 32

Read Jobe Chapter 32 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jobe
Chapter: 32
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jobe Chapter 32 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jobe Chapter 32?

Jobe Chapter 32 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jobe Chapter 32 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 2
  2. Jobe Chapter 1
  3. Ruthe Chapter 1
  4. Zakariya Chapter 2
  5. Zefaniya Chapter 2
  6. Jobe Chapter 2
  7. Ruthe Chapter 4

Explore More from Jobe

  1. Jobe Chapter 11
  2. Jobe Chapter 17
  3. Jobe Chapter 10
  4. Jobe Chapter 39
  5. Jobe Chapter 7
  6. Jobe Chapter 18
  7. Jobe Chapter 41

Related Chapters & Readings

  1. Ezra Chapter 10
  2. 1 Samuweli Chapter 3
  3. 1 Samuweli Chapter 17
  4. 1 IziKronike Chapter 24
  5. AbAhluleli Chapter 5
  6. Jeremiya Chapter 33
  7. Eksodusi Chapter 22
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *