Jobe Chapter 19

For English

Read Jobe Chapter 19 Online

Read Jobe Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jobe 19

Isahluko 19

1. Wayesephendula uJobe, wathi:

2. “Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningiphohloze ngamazwi, na?

3. Seningihlazisile kayishumi; aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?

4. Uma impela ngidukile, ukuduka kwami kukimi ngedwa.

5. Uma impela niyazikhukhumezela kimi, niphikisane nami ngehlazo lami,

6. yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele, ungihaqe ngenetha.

7. Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’ Kepha angiphendulwa; ngicela ukusizwa, kodwa akukho ukwahlulelwa.

8. Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.

9. Ungikhumulile udumo lwami; ususile umqhele ekhanda lami.

10. Ungidilizile nxazonke, sengimukile; usiphulile ithemba lami njengomuthi.

11. Ungivuthisele intukuthelo yakhe, wangishaya njengezitha kuye.

12. Amabutho akhe afika kanyekanye, alungise indlela ukuba angisukele; amisa nxazonke zetende lami.

13. “Udedisile kimi abafowethu, nabazana nami sebahlukene impela nami.

14. Izihlobo zami zingishiyile, nengazana nabo bangikhohliwe.

15. Abagogobele endlini yami nezincekukazi zami bangishaya umfokazi; ngingowezizwe emehlweni abo.

16. Ngibiza inceku yami, kayingiphenduli; ngiyayinxusa ngomlomo wami.

17. Umoya wami mubi kumkami, ngiyanuka kubantwana besisu sikamame.

18. Yebo, nezingane ziyangidelela; uma ngivuka, zikhuluma ngami.

19. Ababeyizifuba zami bayanengwa yimi; labo ababengithanda sebengifulathele.

20. Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami; ngisinde ngokulambisa kuphela.

21. Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.

22. Ningizingelelani njengoNkulunkulu, ningasuthi ngenyama yami na?

23. “Sengathi amazwi ami angalotshwa! Sengathi angabhalwa encwadini,

24. aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu, kuze kube phakade!

25. Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona; ekupheleni uyakuma othulini.

26. Nalapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami,

27. engiyakumbona uqobo lwami; amehlo ami ayakumbona, kungabi njengomfokazi; okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami.

28. Uma nithi: ‘Siyakumxosha yini pho! njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi,’

29. yesabani inkemba, ngokuba ulaka lungolwezono ezifanele inkemba, ukuze nazi ukuthi ukwahlulelwa kukhona.”

About Jobe Chapter 19

Read Jobe Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jobe
Chapter: 19
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jobe Chapter 19 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jobe Chapter 19?

Jobe Chapter 19 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jobe Chapter 19 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 3
  6. AmaHubo Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 51

Explore More from Jobe

  1. Jobe Chapter 11
  2. Jobe Chapter 28
  3. Jobe Chapter 15
  4. Jobe Chapter 23
  5. Jobe Chapter 6
  6. Jobe Chapter 9
  7. Jobe Chapter 1

Related Chapters & Readings

  1. Luka Chapter 22
  2. Mathewu Chapter 10
  3. Jobe Chapter 5
  4. Genesise Chapter 23
  5. UmShumayeli Chapter 6
  6. Eksodusi Chapter 20
  7. Daniyeli Chapter 11
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *