Isaya Chapter 33

For English

Read Isaya Chapter 33 Online

Read Isaya Chapter 33 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Isaya 33

Isahluko 33

1. Wo kuwena ochithayo, kungachithwanga wena, nakuwe okhohlisayo, kungakhohliswanga wena! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa, nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe.

2. Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.

3. Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka; ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.

4. Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.

5. UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu; uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.

6. Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho, ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.

7. Bheka, amaqhawe abo akhala ngaphandle; izithunywa zokuthula zikhala ngomunyu.

8. Imigwaqo iyize, izihambi seziphelile; isivumelwano saphuliwe; imizi ideleliwe; umuntu akanakekelewa.

9. Izwe liyalila, lidangele; iLebanoni linamahloni, liyabuna; iSharoni linjengehlane, iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.

10. “Sengiyakuvuka,” usho uJehova; “sengiyakuphakama; sengiyakuphakanyiswa.

11. Niyakukhulelwa yizikhotha ezomileyo, nizale amabibi; ukuphefumula kwenu kungumlilo oniqothulayo.

12. Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako, njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”

13. Yizwani nina enikude engikwenzileyo; nani eniseduze, vumani amandla ami.

14. Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”

15. Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,

16. yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.

17. Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo, ayakubona izwe elelulekele kude.

18. Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi: “Uphi umbhali, uphi olinganisile intela, uphi obalile imibhoshongo na?”

19. Awuyikubona abantu abanobudlova, abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.

20. Kepha bheka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu; amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula, itende elingayikususwa, elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini, nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.

21. Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi, lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini, nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.

22. Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.

23. Izintambo zakho ziyaxega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo, azinakumeneka useyili; khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo; nezinyonga ziyakuthatha impango.

24. Abakhe khona abayikusho ukuthi: “Ngiyagula,” abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.

About Isaya Chapter 33

Read Isaya Chapter 33 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Isaya
Chapter: 33
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Isaya Chapter 33 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Isaya Chapter 33?

Isaya Chapter 33 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Isaya Chapter 33 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Isaya

  1. Isaya Chapter 1
  2. Isaya Chapter 3
  3. Isaya Chapter 2
  4. Isaya Chapter 6
  5. Isaya Chapter 7
  6. Isaya Chapter 5
  7. Isaya Chapter 14

Explore More from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 111
  2. AmaHubo Chapter 2
  3. Jeremiya Chapter 6
  4. Numeri Chapter 3
  5. Mika Chapter 5
  6. AmaHubo Chapter 116
  7. Levitikusi Chapter 12

Related Chapters & Readings

  1. 1 Samuweli Chapter 23
  2. AmaHubo Chapter 54
  3. Numeri Chapter 35
  4. AmaHubo Chapter 4
  5. 2 AmaKhosi Chapter 15
  6. 2 Korinte Chapter 8
  7. AmaHubo Chapter 5
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *