Read Jobe Chapter 12 Online
Read Jobe Chapter 12 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jobe 12
Isahluko 12
1. Wayesephendula uJobe, wathi:
2. “Impela yinina eningabantu; ukuhlakanipha kuyakufa nani.
3. Kodwa nami nginengqondo njengani, angahlulwa yinina; ngubani ongazazi izinto ezinje na?
4. Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.
5. Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka; kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.
6. Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.
7. Kepha mawubuze izinkomo, ziyakukufundisa, nezinyoni zezulu, ziyakukutshela.
8. Khuluma kuwo umhlaba, uyakukufundisa, nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.
9. Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?
10. Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo, nomoya wenyama yabantu bonke.
11. Indlebe ayivivinyi yini amazwi, njengolwanga lunambitha ukudla, na?
12. Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha, nasebudeni bezinsuku ukuqonda.
13. “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.
14. Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.
15. Bheka, uyavimba amanzi, ashe; uyawathumela agumbuqele umhlaba.
16. Kuye kukhona amandla nokusizwa; odukisiweyo nodukileyo bakuye.
17. Umukisa abaluleki bephangiwe; uyenza abahluleli babe yiziwula.
18. Uthukulula izibopho zamakhosi, awabophe ezinkalweni ngamaketanga.
19. Umukisa abapristi bephangiwe, aphenule abemiyo njalo.
20. Uyasusa ulimi lwabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.
21. Uthela izikhulu ngehlazo, akhumule imbonya yonamandla.
22. Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni, akhiphele ekukhanyeni ithunzi lokufa.
23. Uyandisa izizwe, abesezibhubhisa; ukhulisa izizwe, abesezisusa.
24. Uyamuka izinhloko zezizwe ezweni ingqondo yazo, azidukise ehlane elingenandlela.
25. Ziyaphumputha ebumnyameni zingenakukhanya, uyazintengantengisa njengesidakwa.
About Jobe Chapter 12
Read Jobe Chapter 12 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jobe
Chapter: 12
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jobe Chapter 12 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jobe Chapter 12?
Jobe Chapter 12 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jobe Chapter 12 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 4
Explore More from Jobe
- Jobe Chapter 1
- Jobe Chapter 31
- Jobe Chapter 19
- Jobe Chapter 20
- Jobe Chapter 18
- Jobe Chapter 5
- Jobe Chapter 4