Jobe Chapter 28

For English

Read Jobe Chapter 28 Online

Read Jobe Chapter 28 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jobe 28

Isahluko 28

1. “Impela ukhona umthapho wesiliva, nendawo yegolide abalicwengayo.

2. Insimbi iyakhishwa emhlabathini; amatshe ayancibilikiswa abe yithusi.

3. Ubumnyama bubekelwa umkhawulo; kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.

4. Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu, lapho bekhohlakele khona lunyawo; bayalenga, bajikajika kude nabantu.

5. Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla, kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.

6. Amatshe awo ayindawo yamasafire; inothuli lwegolide.

7. Lowo mgudu awaziwa yinqe, neso loheshe aliwubonanga.

8. Izilwane ezinkulu azihambanga ngawo, nengonyama ayidlulanga ngawo.

9. Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha, agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.

10. Uqhekeza imihohoba emadwaleni; iso lakhe liyabona konke okuyigugu.

11. Uyavimba imifula ukuba ingaconsi; imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.

12. “Kepha ukuhlakanipha kufumanisekaphi? Iphi indawo yokuqonda na?

13. Umuntu kalazi inani lakho; akutholakali ezweni labaphilayo.

14. Utwa luthi: ‘Akukho kimi;’ ulwandle luthi: ‘Akukho kimi.’

15. Akunakuzuzwa ngegolide; intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.

16. Kungelingane negolide lase-Ofiri, neshohamu eliyigugu, nesafire.

17. Igolide nengilazi kungelingane nakho; akunakwenaniswa ngezinto zegolide elicwengekileyo.

18. Akunakukhulunywa ngekorali nangekristalu; intengo yakho iphezu kwamarubi.

19. Itopazi laseKushe alinakulinganiswa nakho, kungelingane negolide elicwengekileyo.

20. “Ukuhlakanipha kuvelaphi na? Indawo yokuqonda iphi na?

21. Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo, kufihliwe ezinyonini zezulu.

22. Ukubhujiswa nokufa kuthi: ‘Ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.’

23. UNkulunkulu uyaqonda indlela yakho; yena uyazi indawo yakho.

24. Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba, abone konke okuphansi kwezulu.

25. Lapho emisela umoya ukusinda kwawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso,

26. lapho enzela imvula isimiso, nonyazi lokuduma indlela,

27. khona wakubona, walanda ngakho, wakuhlela, wakuphenya.

28. Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”

About Jobe Chapter 28

Read Jobe Chapter 28 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jobe
Chapter: 28
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jobe Chapter 28 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jobe Chapter 28?

Jobe Chapter 28 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jobe Chapter 28 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 2
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 3

Explore More from Jobe

  1. Jobe Chapter 42
  2. Jobe Chapter 19
  3. Jobe Chapter 39
  4. Jobe Chapter 11
  5. Jobe Chapter 24
  6. Jobe Chapter 8
  7. Jobe Chapter 20

Related Chapters & Readings

  1. Jona Chapter 4
  2. Isaya Chapter 46
  3. Jobe Chapter 39
  4. Hezekeli Chapter 30
  5. Isaya Chapter 43
  6. Eksodusi Chapter 22
  7. IzEnzo Chapter 12
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *